Umengameli waseMelika namahlaya anobandlululo 

Emzamweni wokuzama ukuhlekisa emcimbini womlando wabantu abamnyama uMengameli waseMelika uJoe Biden uthe, “Ngingaba umfana omhlophe, kodwa angisona isilima”. Ngemuva kwalokho kuvele kwathuleka.

UBiden uncome igalelo labantu abamnyama asebelenze  eMelika ngesikhathi kunomcimbi obuse-White House ngoMsombuluko ebusuku okuyilapho abaholi abambalwa base-Afrika nabaseMelika bebehambele lo mcimbi, kubika i-The Times.

Ihlaya lakhe elithi “Kungenzeka ukuthi ngingumfana omhlophe, kodwa angisona isilima futhi ngiyawazi amandla aqhamukaphi,” lihlangabezwe umsindo wesilwane esibizwa nge-crickets kodwa waqhubeka nenkulumo yakhe.

“Ngafunda kudala nge-Divine Nine,” echaza mayelana nezihlobo eziyisishiyagalolunye zomlando zabantu abamnyama.

UBiden uphinde wenza ihlaya ngokuthi uHakeem Jeffries umholi weqembu le-Democratic akasakhulumi naye.

UBiden uthe “uJeffries ongumuntu omnyama ulapha ngoba ngesikhathi eqala ukungenela ukhetho ngamkhankasela.”

Uphinde waqhubeka nokuzimbela umgodi ngesikhathi eqhubeka ekhuluma ngoSteven Horsford, uSihlalo we-Congressional Black Caucus.

“Naye ngamkhankasela. Uyazi ukuthi kusho ukuthini lokhu? Naye akangikhulumisi,” kusho uBiden.

Ekugcineni utshele abantu abebehambela lo mcimbi ukuthi uyadlala bekuyihlaya.”

Akukhona okokuqala uBiden, umholi wesinye sezizwe ezinamandla kakhulu emhlabeni, enza ihlaya ngobandlululo.

Ngo-2007, wabiza owayenguMengameli waseMelika uBarack Obama ngokuthi “uwuhlobo lokuqala lwabantu abangama-African-American abacacile futhi abakhanyayo nabahlanzekile.”

UBiden kubukeka sengathi akafundanga emaphutheni adlule futhi nangesikhathi ewina umkhankaso wango-2020, watshela izishoshovu ukuthi “Izingane ezimpofu zihlakaniphile futhi zinamakhono njengezingane zabamhlophe.”

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UJoe Biden

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva