Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noZukile Majova
UKhomishana wamaphoyisa, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi wathi uNgqongqoshe uSenzo Mchunu wagxambukela ophenyweni lokubulawa kosopolitiki wazama nokuvala ithimba le-Political Killings Task Team.
Lolu phenyo luzobheka nezikhulu eziphezulu kuwo wonke amaphoyisa, abashushisi kanye neminyango kamasipala okuthiwa isebenzisana nethimba lezigebengu.
Usindile uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa enqabile ukuthobela ingcindezi yokumxosha.
URamaphosa ubeke uMchunu ekhefini elikhethekile nakuba kunezinsolo zokuthi wagxambukela ophenyweni lokubulala futhi wasebenza nethimba lezigebengu.
UMengameli ujube ikhomishana yophenyo eholwa yibamba lePhini leNhloko yamaJaji uMbuyiseli Madlanga ukuthi iphenye ngalezi zinsolo. Ikhomishana izobika emuva kwezinyanga ezintathu futhi inikeze umbiko wayo wokugcina ezinyangeni eziyisithupha.
UMchunu usolwa ngokuhlakaza ithimba elibhekelele ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, uthe uNgqongqoshe ugxambukela emsebenzini wamaphoyisa futhi uyamataniswa nosolwa ecaleni lokubulala.
UMkhwanazi uthe ithimba lakhe kanye nabaseshi base-Gauteng bavundulule iqembu elinamandla eliphethwe iqembu elisatshwayo lezidakamizwa.
Uthe libandakanya osopolitiki, amaphoyisa, amaphoyisa kamasipala, abashushisi, abesebenza emajele namajaji imbala.
Lolu phenyo luholele esithangamini sabezindaba esithuse izwe lonke ngeledlule, lapho uMkhwanazi ephumele obala ngalokhu.
Ngaleso sikhathi uRamaphosa wayese-Brazil engqungqutheleni ye-Brics. Ubuye wazokhuluma ngalolu daba ngeSonto ebusuku.
“Lezi zinsolo, uma zitholakala ziyiqiniso, lokho kungenza abantu bakuleli baphelelwe ithemba emandleni oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika okubavikela kanye nokulwa nobugebengu nenkohlakalo ngempumelelo,” kusho uRamaphosa.
Umemezele ukuthi ikhomishini izophenya nokuthi amalungu eSigungu Sikazwelonke, okuhlanganisa nabaphathi bezobulungiswa, bayathinteka yini ekwenzeni okubi.
Lolu phenyo luzophinde luphenye ngokugxambukela kwezikhulu eziphezulu zamanje nezangaphambilini emaphoyiseni, uphiko lwezokushushisa, ezobulungiswa, amaphoyisa kamasipala kanye nezinhlaka zezobunhloli.
Kusukela ngoNcwaba, uSolwazi Firoz Cachalia uzobamba isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wamaphoyisa. Elinye ilungu lekhabhinethi lizobamba iqhaza kuze kuphele uNtulikazi.
Khonamanjalo, uRamaphosa kanye nekomiti le-ANC kuzwelonke bazohlangana ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House, eGoli ukudingida ngesimo sezokuphepha nezobunhloli ezweni.
UNgqongqoshe wezokuVikela, u-Angie Motshekga, ukuqinisekisile ukuthi uphiko lwezobuNhloli luqaphe ngeso lokhozi mayelana nezibhelu ezingase zibe khona emphakathini.
Njengosopolitiki oseqophelweni eliphezulu e-KZN eqenjini likaRamaphosa, uMchunu uyakwazi ukugcina umsebenzi wakhe futhi uzoncika ekwesekwa abaholi be-ANC ukuze ahlenge umsebenzi wakhe wezepolitiki.
Uhlonishwa kakhulu uMchunu enkanjini kaRamaphosa, kangangoba kukhona abagqugquzeli abamkhankasela ukuba abe iPhini likaMengameli we-ANC.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: GCIS
