UMantashe usaba iNkatha kakhulu okuneMK KwaZulu-Natal 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

I-ANC ibona i-IFP ephinde yavuka KwaZulu-Natal njengengozi enkulu ekuphatheni kwayo isifundazwe kunoMkhonto Wesizwe (MK) kaJacob Zuma.

USihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe uthe iqembu elibusayo likhathazeke kakhulu ngokukhula kwe-IFP esifundazweni kune-MK.

Ucwaningo lubikezela ukuthi i-MK ingase ithathe u-25% wamavoti KwaZulu-Natal, okunikeze isithombe sangempela ekwakheni uhulumeni wobumbano wesikhathi esizayo esifundazweni.

UMantashe uthe i-ANC ilindele ukuthi i-MK ithathe abavoti eqenjini ngalinye elikhulu okubalwa i-ANC, i-IFP, i-EFF kanye ne-DA.

“Ngiqinisekile ukuthi imiphumela sizoyithola KwaZulu-Natal. Iqembu elizoba inkinga kithina kuzoba i-IFP hhayi i-MK.

UMantashe utshele lo msakazo womphakathi ukuthi i-ANC izama ukunqoba ukhetho ngaphandle kokuthi ibumbe umfelandawonye ezingeni likahulumeni kazwelonke.

Lo mholi we-ANC uthe imifelandawonye ayisebenzi ku-ANC.

Kodwa-ke, zonke izinkomba zithi i-IFP ne-ANC bazodinga amadlelandawonke ukuze bakhe uhulumeni KwaZulu-Natal.

Iqembu elibusayo vele likumbimbi ne-EFF ezingeni lohulumeni basekhaya esifundazweni.

Kodwa lo mfelandawonye ubulokhu uhlulwa okhethweni lokuchibiyela ngenxa yokuqina komfelandawonye ophakathi kwe-IFP ne-DA.

Umfelandawonye we-ANC ne-EFF nawo usengcupheni yokuwa ngenxa yokuvela kwe-MK.

Umholi we-EFF uJulius Malema noZuma sekunesikhathi eside bezwakalisa ukuthi la maqembu amabili angasebenzisana esikhathini esizayo njengoba enezinhloso ezifanayo.

I-EFF ineme ngomfelandawonye wayo ne-ANC eThekwini, Ekurhuleni naseGoli.

Umfelandawonye onamandla kunawo wonke KwaZulu-Natal ngowe-IFP ne-DA kanye namalungu e-Multi-Party Charter for SA ahlanganisa i-ActionSA, i-Freedom Front Plus kanye ne-ACDP.

Njengoba uhulumeni kaMengameli uCyril Ramaphosa usashushisa uZuma ngokukhwabanisa nenkohlakalo, mancane amathuba okuthi la maqembu amabili akhe umfelandawonye ngemuva kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Izihloko zakamuva