Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Usomathenda waseThekwini uShauwn Mkhize uthi ukulwa namaDelangokubona akuzukuyisiza imboni yezokwakha wancoma ukuthi kuhlalwe nabo phansi kuboniswane ngomsebenzi abangawenza ukuze bakhule embonini.
UMaMkhize ukusho lokhu njengoba bekunengqunguthela yabesifazane abasembonini yokwakha ebibizwe e-ICC, eThekwini uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal ophethwe uMnuz Siboniso Duma.
Uthe asikho isidingo sokuba amaDelangokubona kuliwe nawo kodwa okubalulekile ukuthi awanikezwe umsebenzi olingana namaphesenti angu-30 ukuba bawenze bese beyakhokhelwa.
“Mina sengibesembonini yezokwakha iminyaka engu-20 kodwa ngisebenzisana kahle kakhulu nabo ngoba angilwi. Kunalokho ngihlala nabo phansi ngizwe ukuthi bafunani, bese ngibanikeza umsebenzi, hhayi imali, olingana nalamaphesenti angu-30, ngithi abawenze ukuze ngibakhokhele.
“Lokhu kubasizile abaningi ngoba imboni yezokwakha inemigomo eminingi evalela abantu bakithi ngaphandle. Ngenxa yokusebenza nabo abanye izinkampani zabo sezikhulile zafinyelela ko-stage 6,” kuchaza uMaMkhize.
Ukusho lokhu nje osomabhizinisi abaningi bayesaba ukusebenza eMlazi ngoba kuthiwa baphoqwa amaDelangokubona ukuba bakhiphe imali engu-30% womsebenzi abawutholile okuthiwa eyokugada umsebenzi (protection fee).
Ngo-2015 abanye baveza ukuthi amaDelangokubona ayamesaba uMaMkhize ngoba uwaqonda ngqo, ngakho ngisho amaloli akhe asuke ezothulula impahla awavinjwa.
Kukhalwa nangamakhansela, iningi lawo okungakaKhongolose okuthiwa awezwile, imali ayifuna ngodli kulabo abasuke sebethole umsebenzi yize besuke bengakakhokhelwa.
Kwenzeka lokhu nje eMgungundlovu kusuke esinamathambo umphakathi uxabana namaDelangokubona akuleya ndawo ngoba kubangwa umsebenzi ka-R109 million wokwakha amahhovisi oMnyango wezokuThutha eThembalethu Heritage Building.

Bekusolwa uMnuz Mlungisi Mncwabe ngokuba ubhongoza kulolu daba kanti ubonakale kumavidiyo etshela umphakathi ukuthi kuzochitheka igazi.
Lokhu kuphoqe ukuba uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Martinus Meyer atheleke eMgungundlovu ukuyolungisa isimo.
Ufike waxoxisana nomphakathi nawo amaDelangokubona.
Unxuse ukuthi kube nokusebenzisana wathembisa nokuthi uzoyilungisa indaba yokuthi umphakathi ukwazi ukuthola amathuba kusenesikhathi uma kuzoba nemisebenzi ephumayo.
Uthe ukuphazanyiswa komsebenzi kulimaza intuthuko esuke ibhekwe umphakathi, wacela ukuthi labo abaphazamisa imisebenzi ababikwe emaphoyiseni.
