Umama waseKariega uyavuma ukuthi ufaka abantu abampofu kumshwalensi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umama waseKariega uthi ufaka abantu abampofu kumshwalense we-funeral cover futhi ugcina ingxenye yenkokhelo uma beshona.

Amaphoyisa athi i-Eastern Cape iyisikhungo esinezibalo eziphezulu zabantu ababulawela umshwalense njengoba kunamacala angu-62 aphenywayo eNelson Mandela Bay.

Umama waseKariega uthi uthathela umshwalense abantu abampofu futhi ufuna ingxenye yenkokhelo uma sebeshonile.

Uthi umqondo uqhamuke kumngani wakhe obeka eceleni imali yomshwalense kubantu abangenawo umndeni osondelene naye ukuze abasize ngezindleko zomngcwabo.

Uyabazi laba abahlale bephuza imali yabo bengenazihlobo eziseduze,” kusho yena.

Uthi ingxenye yemali uyifaka emngcwabeni bese enye ayigcine.

“Angikuboni njengento embi lokhu ngoba kusho ukuthi ngithola ukwenzela umuntu into enhle,” kusho yena.

Ukholelwa nokuthi lo mkhuba uvamile endaweni yangakubo. “Kuvele kube yinkinga uma ubulala abantu ngenxa yemali yomshwalense,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthi iNelson Mandela Bay njengamanje inesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu okuhlobene nomshwalense okuphenywayo.

“I-Eastern Cape iyisizinda sokubulawa kwabantu komshwalensi, kanti siphenya amacala angu-62 eNelson Mandela Bay kuphela,” kusho uMathe.

Amaphoyisa avundulule iqulu lezigebengu eKariega elimataniswa namacala angu-18 okubulala. Iqembu linamalungu angu-11. Ababili sebeboshiwe kanti amaphoyisa alungiselela ukubopha abanye.

Abaseshi baphinde bahlonza abasolwa abathathu. Oyedwa umataniswa namacala ayisithupha okubulala eMotherwell. Owesibili umataniswa nezigameko zokubulala ezingu-14 KwaNobuhle, eMotherwell naKwadwesi. Owesithathu umataniswa nezigameko zokubulala eziyisishiyagalombili eNew Brighton, Kwazakhele, Middledrift naseTshungwa.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uBrigadier Nobuntu Gantana, uthi ithimba eliyisipesheli elibizwa nge-Murder for Money Task Team lasungulwa ngoMasingana ka-2025. Lanikezwa amacala angu-165, kwathi ngemuva kokubuyekezwa neSouth African Insurance Crime Bureau, ithimba manje seligxile kumacala angi-62.

Esithombeni esingenhla: UNelson Mandela Bay.

Umthombo wesithombe: Eastern Cape Info

Izihloko zakamuva