Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
ULikuwe Konjwa usebenza esikhungweni se-autism eKapa kodwa akanayo imali esalayo ngemuva kokukhokha izikweletu zanyanga zonke.
Amanani aphezulu okudla aphoqa uLikuwe Konjwa ukuthi ayeke ukuthenga inyama ebomvu kunalokho abhakele izingane zakhe isinkwa ekhaya.
ULikuwe Konjwa usebenza njengonompilo esikhungweni iKhaya Elitsha Foundation. Le-Foundation inesikhungo se-autism elokishini laseKhayelitsha eKapa. Usebenzisa iholo lakhe ukuze ondle umndeni wakhe, kodwa izindleko ezikhuphukayo zokuphila zimshiye edonsa kanzima.
Ngemuva kokukhokha izikweletu zakhe zanyanga zonke, uKonjwa akasali namali. Usebenzisa u-R1 000 ukuthenga igilosa, u-R1,320 emalini yesikole, u-R420 kuma-funeral policy no-R100 kugesi.
Ukuze aphile, uyeke zonke izinto ezingabalulekile.
Konke kuyenyuka kusukela ekugqokeni kuya ekudleni,” kusho uKhonjwa. “Asisazenzi izinto ngendlela ebesizenza ngayo ngoba amanani akhuphuke kakhulu.
Uthe ubejwayele ukukhipha izingane zakhe ngezinsuku zazo zokuzalwa. Manje, wonga imali ngokubhaka amakhekhe abo okuzalwa ekhaya.
UKhonjwa akasakwazi ukupha izingane zakhe imali yesikole. Kunalokho, ubhaka isinkwa ukuze badle. Uthe izingane zakhe ziyakuqonda ukuthi umndeni awunamali futhi kumele ugxile ezintweni ezibalulekile.
Ukwenyuka kwamanani entengo kushintshe nendlela umndeni odla ngayo. UKhonjwa wayeka ukuthenga inyama yenkomo nengulube. Manje uthenga inkukhu, amasoseji, ukudla okusemathinini kanye namaveji axutshiwe ahlala inyanga yonke.
Ngisho namanani ezinto ezimnandi ashintshile. Esikhundleni sokuthenga isitsha esikhulu sika-ice cream, uthenga u-ice cream oshibhe ngo-R10 noma u-R14 kumdayisi wendawo. Uphinde athengele izingane zakhe izingubo ngoNhlangulana nangoZibandlela.
UMbasa yinyanga yokuqwashisa nge-Autism. UKhonjwa ucele abazali ukuthi bangazifihli izingane zabo ezine-autism.
“Kumele babanikeze uthando futhi babaphathe njengezinye izingane. Futhi namalungu omphakathi kumele ayeke ukubabiza ngamagama,” esho.
Osesithombeni esingenhla: ULikuwe Konjwa, ongumnakekeli esikhungweni se-Autism Ikhaya Elitsha Foundation, unakekela umndeni wakhe.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze
