Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane
ULerato Molapo, osebenza esitolo sokudla saseGoli nongumama wezingane ezimbili, unikela ngo-R1,000 no-R2,000 ezitokofeleni ezimbili ezihlukene njalo ngenyanga ukuze onge imali yetshe lesikhumbuzo kanye nempahla yasendlini.
Uthi unciphisa izingubo zasebusika zezingane zakhe ukuze akwazi ukukhokhela isitokofela sakhe sanyanga zonke, ngoba imali egcinwe e-akhawuntini yakhe iyashabalala engakayisebenzisi.
ULerato Molapo uhola u-R6,000 ngenyanga. Nyanga zonke, u-R3,000 waleyo mali ungena ngqo ezitokofeleni ezimbili ngaphambi kokuba awuthinte. Leyo ingxenye yomholo wakhe, evalelwe ebhodweni elihlangene angakwazi ukufinyelela kulo kuze kufike ithuba lakhe.
Wenza ngamabomu.
“Uma ngibeka imali ku-akhawunti yami kuvele kube nezinkinga ngigcine sengiyisebenzisa,” kusho yena.
UMolapo usebenza endaweni yokudlela futhi wondla izingane ezimbili eyedwa. Ukhokha u-R1,000 kwesinye isitokofela bese ekhokha u-R2,000 kwesinye. Zombili zisebenza ngohlelo oluzungezisayo, lapho ilungu ngalinye likhokha inani elinqunyiwe nyanga zonke futhi umuntu oyedwa athole ibhodwe eligcwele ngokulandelana. Uma kufika ithuba lakhe, uthola isamba esikhulu ngokwanele ukuvala into angeke ayigcine eyedwa.
Into yokuqala ohlwini lwakhe itshe lengcwaba likayise, athe lizobiza cishe u-R10 000. Ngemva kwalokho, izinto zikagesi zasendlini. Bese kuba nezidingo zezingane zakhe.
“Izindleko zokuphila ziningi kakhulu ukuthi zingancika emholweni,” kusho yena.
Imvamisa kuba yizingubo zasebusika zezingane zakhe azinciphisayo ukuzithenga. Hhayi izingubo zesikole, kuyacaca lokho. Lezo ziyisidingo futhi azithintwa. Kodwa okungeziwe, izinto ezifudumele, izinto ezingaphuthumi, lezo ziyalinda.
Akakaze aphuthelwe yinkokhelo. Ukushoda kweyodwa, uthi, kuzochitha isabelomali sakhe sonke.
“Kuzobambezela izinto ezibalulekile okufanele zenziwe,” kusho yena.
Isitokofela senza lokho i-akhawunti yasebhange engeke imenzele yona.
Njengowesifazanw okhulisa izingane ezimbili eyedwa ngo-R6,000 ngenyanga, ukungafinyeleleki yikho kanye akudingayo.
Esithombeni esingenhla: I-savings piggy bank.
Umthombo wesithombe: Pexels
