Umama nendodana balayashwa kodwa indodakazi ishonile ngemuva kokudla ukudla okulula 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ngesikhathi umndeni wakwaMaaboi usazilela ukushona kukaLesedi (10) usalinde ngabomvu izindaba zabathandiweyo babo abasasesibhedlela abalwela izimpilo zabo.

ULesedi omncane ulahlekelwe impilo yakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi udle ukudla akuthengile akudle nomama kanye nomfowabo.

Ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko esemzini wabo ose-Alexandra, uyise kamufi, uMnuz Joshua Maaboi, uthe ngezithuba zabo-19:00 indodakazi yakhe engasekho ingene endlini iphethe izicoficofi abebezidla.

Ucele umama wakhe ukuthi azinuke, umama waqinisekisa ukuthi kunephunga elingavamile. Umfowabo omcane naye ubenephakethe elivuliwe lamaswidi afanayo.

Umama ube esethatha la maphakethe wawafaka emgqonyeni.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi umkakhe nezingane bakhala ngezinhlungu esiswini. Bonke baphuthunyiswe emtholampilo wakwaMaskhane, abahlengikazi bazama ukubasiza. Ngeshwa, ingane yentombazane iye yashona kamuva.

UMaria Molaudi kanye nendodana yakhe uRefense basesibhedlela.

Abaholi bezombusazwe okubalwa kubo noNgqongqoshe wezeziMali eGoli, uLebogang Maile, bavakashele lo mndeni ngoMsombuluko e-Alexandra.

UNgqongqoshe uMaile unxuse ukuthi kube nesimo esiphuthumayo mayelana nezigameko zakamuva zokudla okunoshevu esifundazweni.

UMaile uthe uhulumeni kufanele aphendule ngalezi zigameko zakamuva.

Unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane nabezomthetho okubalwa abahloli bezempilo namaphoyisa.

“Kunenkinga uma kukhona ukudla okunoshevu ezitolo. Lokhu kudla kukhiqizwa ndawana thize, ngakho-ke kufanele sibheke yonke indawo hhayi nje ukudla okusezitolo.

“Uma abahloli bethola ukudla okunoshevu, kufanele sithole impendulo futhi abanikazi bezitolo kumele baphendule ukuthi bakuthenga kuphi lokhu kudla ukuze sibhekane nenkinga kusukela emthonjeni wayo hhayi ekugcineni.”

Unxuse abahlali ukuthi bangazithatheli umthetho ngezandla.

NgeSonto kugqekezwe izipaza zasendaweni, kwashiswa nesitoko.

“Sifuna ukunxusa abomthetho nalabo abanikezwe umsebenzi wokuhlola ukuthi benze kangcono futhi benze okwengeziwe, babe nolaka futhi basheshe baqinisekise ukuthi basebenza ezindaweni eziningi.”

Uthe le nkinga yakamuva idinga indlela esheshayo.

Esithombeni esingenhla: UJoshua Maaboi, ubaba kamufi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva