UMakhosi Khoza ukhwele wadilika kuDlamini-Zuma ngokusola abakuleli ngokuhlukumeza abaseNigeria

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Owayengumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uDkt Makhosi Khoza usekhwele wadilika kuDkt Nkosazana Dlamini-Zuma amsola ngokuzwelana nabantu baseNigeria ngenxa yokuthi bamnikeza iPassport ngezikhathi zobandlululo.

Lokhu kuza ngemumva kokuthi uDkt Dlamini-Zuma egxeke abantu bakuleli ababhikishela abantu baseNigeria ababasola ngokudayisa izidakamizwa nokushushumbisa izingane zamantombazane ukuze ziyodayisa ngomzimba kwamanye amazwe.

UDkt Dlamini-Zuma ubekhuluma enkonzweni ye-Afrika Day ebise-Assemblies of God eSandton ngaphansi kwesiqubulo esithi “Heal Our Land”.
Uthe akukwazi ukuthi abantu bakuleli bangalwa namanye ama-Afrika ngoba adlala indima enkulu ukusiza elakuleli ngezikhathi zobandlululo.

Uveze nokuthi yena wayengayazi ngisho iPassport kodwa waqala ngokuyibona ngoba esizwa izwe iNigeria okuyiyo eyamsiza ukuze akwazi ukuphuma kulelizwe.
Uveze nokuthi akukwazi ukuthi abantu bangavuma ukuhlukaniswa imingcele eyakhandwa abelungu mhla behlakaza i-Afrika beyenza izicucu engqungqutheleni eyayinizwa ngeBerlin Conference yangonyaka ka-1884 kuya ku-1885.

Ephawula uDkt Khoza uthe lokhu akusho lutho ngoba amazwe ase-Afrika kwathi uma esethola inkululeko,aqoka ukuzimela futhi akhanda imithetho yawo okungamele yephulwe nangengozi.

“Ungimangazile uDkt Dlamini-Zuma ngoba lezi zinto azishoyo azibasizi ngalutho abantu bakuleli abangasebenzi,abahlushwa ubugebengu obenziwa abantu baseNigeria. Okokuqala ukube phela lamazwe ase-Afrika ayekufuna ikuba sibumbane,ayezoza kuleli ngonyaka ka-1994 azovota ukufakazela ukuthi simunye. Kunalokho aqoka ukuba azimele geqe.Manje oNkosazana bafuna sinabukelise abantu bakulamazwe ekubeni oHulumeni babo beyizehluleki bedla imali ngenkohlakalo, bese abantu babo bethutheleka lapha bezoba umthwalo,” kusho uDkt Khoza.

Uqhube wathi uDkt Dlamini-Zuma akakwazi ukuthwalisa abantu bakuleli ngecala lokuthi yena waphiwa iPassport iNigeria ekubeni behlupheka futhi nomnotho wabo uthathwa abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho emalokishini.

Izihloko zakamuva