Lubhalwe nguRorisang Modiba
UMakhadzi uzokhokhela abafundi abangu-20 abahlwempu imali yokubhalisela ukufunda enyuvesi.
Lo mculi uthole izicelo ezingaphezu kuka-5,000 zosizo kungakapheli amahora angu-24 ememezele uhlelo lwakhe.
Isihlabani somculo sase-Limpopo uMakhadzi uvule iminyango kubafundi abangakwazi ukukhokha imali yabonyuvesi.
Lesi sihlabani, igama laso langempela nguNdivhudzannyi Ralivhona wasesigodini sase-Madombidzha ngaphandle kwase-Elim, sizokhokhela abafundi abangu-20 imali yokubhalisa abazoqala enyuvesi kulo nyaka.
Ungene ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine, ecela abafundi ukuthi bamthumelele ubufakazi bokuthi bamukelwe emanyuvesi, kanye nezindaba zabo zezinkinga zemali.
Impendulo ibenkulu – abafundi abangaphezu kuka-5,000 bacele usizo emahoreni angu-24 kuphela.
Ekhuluma ne-The Citizen, uMakhadzi uthe ushaqekile ngendlela abafundi abadinga usizo ngayo.
Uthe ukusiza abafundi kusho lukhulu kuyena ngoba uyazi ukuthi kunzima kangakanani kwabaningi ukungeba enyuvesi.
“Abafundi abaningi babhekana nobunzima bokuthola usizo lwezimali ukuze babhalise, ikakhulukazi labo abaphuma ezindaweni ezintulayo,” usho kanje.
“Ngizibonele ngawami le mizabalazo, futhi ngiyakuqonda ukubaluleka kwemfundo njengethuluzi loshintsho. Abafundi abaningi abakhaliphile babanjwe izithiyo zezimali.”
Nyakenye, uMakhadzi kanye nenhlangano yakhe baye ezikoleni eziyisikhombisa zase-Limpopo banikela izicathulo zesikole namaphasela okudla.
Kulo nyaka, ufuna ukusiza abafundi basemanyuvesi ngoba ukholelwa ekutheni wonke umuntu kufanele athole ithuba lokufunda.
Ngeke avele akhiphe imali – ufuna nokuqondisa laba bafundi ezifundweni zabo.
Ngenyanga edlule, ube nekhonsathi yomculo edayise wonke amathikithi enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba e-Polokwane.
UMakhadzi unethemba lokuthi abanye abantu bazobona akwenzayo futhi basize abafundi ukuze bagxile ekufundeni kunokuzihlupha ngemali.
Esithombeni esingenhla: UMakhadzi.
Umthombo wesithombe: @makhadzisa
