Ukunyuka kwentengo yamazambane kulimaza kakhulu abampofu

Sizwe Sibiya

Ukunyuka kwentengo yamazambane okungalindelekile kushaye kakhulu abampofu eNingizimu Afrika.

UMaria Ndlovu, oneminyaka engama-58 ubudala, ungomunye walabo ababhekene nobunzima bokuhlanganisa isidlo esigcwilisayo.

UMaria uhlala nezingane ezi-12 azisindise emizini ehlukumezayo e-Wyebank, eThekwini.

Uthe, amazambane afakwa cishe kukho konke ukudla okuphekwayo.

“Uma unomndeni omkhulu njengowami, amazambane enza isidlo sakho ukuthi sande. Futhi yiwona engikwazi ukuwathenga ngokuncane enginakho.

”UMaria uphila ngeminikelo ayithola ezinhlanganweni nakuhulumeni. Kepha uthi lokho akwanele.

Amazambane adayisa esitolo esikhulu sasendaweni abiza kanje:

  • U-3 KG wamazambane ubiza ama-R43.99
  • U-7 KG ubiza ama-R79.99
  • Ebese u-10 KG udayiswa nge-R102.99

Uthe, ngenyanga kaNcwaba amanani abephansi kakhulu “u-10 KG wawubiza ama-R40 nje kuphela”.

Isikhulu esiphezulu sakwa-Potatoes SA uAndre Jooste, utshele i-Business Insider ukuthi, ukwenyuka kwamanani amazambane kudalwe ukuvunwa kwamazambane okube ntekenteke e-Limpopo, okuyindawo enkulu kunazo zonke ezikhiqiza amazambane ngalesi sikhathi sonyaka.

“Ubusika obubanda kakhulu yibona obulimaze isivuno sokuqala,” kusho uJooste.

Izihloko zakamuva