Ukunyuka kukaphethiloli: Amanani okudla eNingizimu Afrika azokhuphuka

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Imindeni yaseNingizimu Afrika ingalindela ukwenyuka kwezindleko zokudla njengoba ukunyuswa kwentela kaphethiloli kwakamuva kuzonyusa izindleko zokudla ezweni lonke.

Ngokusho kukaThabile Nkunjana ongusomnotho omkhulu emkhandlwini kazwelonke wezokumaketha kwezolimo, umkhakha wezolimo, osebenzisa kakhulu uphethiloli, uzophazamiseka kakhulu.

Ukusetshenziswa kwemishini ephezulu kulo mkhakha kusho ukuthi ukunyuka kwezindleko zikaphethiloli kuzoholela ezindlekweni zokukhiqiza eziphakeme, okuzodluliselwa nakanjani kubathengi.

“Uma amanani kaphethiloli enyuka kanjalo nezindleko zokukhiqiza, lezo zindleko nakanjani zidlulela kumthengi,” kusho uNkunjana ku-Business Tech.

Ukusetshenziswa kukaphethiloli ku-food processing, ukulandwa kokudla, nakuma-logistics kuzokwenza kunyuke izinto eziningi.

“Zonke izigaba ze-value chain zincike kuphethiloli, futhi lapho lezo zindleko zikhuphuka, umkhiqizo wokugcina ubiza kakhulu,” enezela.

Imizi ehola kancane kanye neyasemakhaya, asebesebenzisa ingxenye enkulu yeholo layo ekudleni nasezintweni zokuthutha, izothinteka.

Njengoba iNingizimu Afrika ithembele kakhulu ezintweni zezolimo ezivela kwamanye amazwe, ingozi yokuncipha komkhiqizo iyakhula. Umthelela ohlangene wokwenyuka kwentengo kaphethiloli kanye nogesi kungaholela ekuncipheni okukhulu kwezindleko kubakhiqizi, okusongela ukuphepha kokudla kanye nomnotho.

Ngokusho kukaNkunjana, kuzodingeka ukubambisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele ukuze kwehliswe imiphumela futhi kuvikelwe abalimi kanye nabathengi.

“Uma singathathi isinyathelo manje, imiphumela izozwakala hhayi emashalofini ezitolo ezinkulu kuphela, kodwa kuwo wonke umnotho wethu.”

Esithombeni esingenhla: Amanani egrosa anyukayo

Umthombo: Razeen Gutta

Izihloko zakamuva