‘Ukungasebenzi isikhathi esengeziwe kusho ukuthi ngizolahlekelwa umuzi wami’ – iphoyisa lase-Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Amaphoyisa omgwaqo eKurhuleni athi ukwehliswa kweholo lesikhathi esengeziwe kuzobashiya bengakwazi ukukhokhela izindlu nezimoto zabo.
  • Umasipala uhlela ukunciphisa isikhathi esengeziwe ukuze kongiwe imali kodwa uzoqhubeka nokukhokhela amanye amaphoyisa ngomsebenzi wangemva kwamahora okusebenza.

Iphoyisa lomgwaqo eKurhuleni libhekene nokulahlekelwa umuzi nemoto yalo ngemuva kokuthi umasipalauithathe isinqumo sokwehlisa imali yesikhathi esengeziwe esisize lakwazi ukuziphilisa.

“Imiholo yethu ifana namakinati uma uyiqhathanisa neyozakwethu base-Tshwane naseGoli, ngisho nokunyuswa kwamaholo onyaka esikutholayo akwenzi mehluko omkhulu,” kusho lesi sikhulu esidangele sitshela i-Scrolla.Africa.

“Isikhathi esengeziwe sithasisele emiholweni yethu sakwazi ukuphila kodwa ngaphandle kwalokho sizolahlekelwa yizindlu nezimoto zethu kumabhange,” kusho leli phoyisa elicele ukungadalulwa.

Umasipala waseKurhuleni ufuna ukuyeka ukukhokhela ukusebenza isikhathi esengeziwe njengengxenye yezinhlelo zokonga imali. Abasebenzi banqunyelwe ukufaka izicelo zamahora angu-30 esikhathi esengeziwe, kodwa umasipala uthi usalahlekelwa yimali eningi kakhulu.

Abanye abasebenzi kuthiwa baqala ukungena emsebenzini  ngehora lesine ntambama ukuze bakwazi ukucela ukukhokhelwa isikhathi esengeziwe.

Abasebenzi abangaphansi kwenyunyana i-Municipal Employees & Civil Servants Union (MECSU) bahlele ukubhikisha emhlanganweni womkhandlu wangoLwesine e-Germiston.

Ilungu lesigungu esikhulu sikaSodolobha esingamele ezezimali uJongizizwe Dlabathi uthe i-MECSU akuyona inyunyana eyaziwayo kumasipala.

“Umasipala awukho esimeni esihle sezimali okwamanje njengoba sibheka ezinye zezindawo lapho kunokulahlekelwa khona izimali esithole ukuthi kunezicelo eziningi zesikhathi esengeziwe,” esho.

“Siyise isiphakamiso emkhandlwini sokuthi kwehliswe isikhathi esengeziwe njengengxenye yokunciphisa izindleko kanti sizokhokhelwa uma unesidingo.”

UDlabathi uthe izinhlaka ezithile zamaphoyisa zisazosiholela isikhathi esengeziwe, ikakhulukazi ukubhekana nemibhikisho ngemuva kwamahora.

Uthe abaphathi kumele benze isiqiniseko sokuthi umsebenzi wenziwa ngezikhathi ezijwayelekile zokusebenza.

“Siyaziswa ukuthi kwezinye izigameko abanye abasebenzi baqala ukusebenza ngehora lesine  ntambama ukuze bakwazi ukufaka izicelo zesikhathi esengeziwe,” esho.

UNobhala Jikelele we-MECSU uziphendulele wathi: “Iningi inkohlakalo kulo masipala futhi izinyunyana zithule.

Esithombeni esingenhla: Idolobha laseKurhuleni.

Umthombo Wesithombe: City of Ekurhuleni Facebook

Izihloko zakamuva