Ukulungiselela ama-Olimpiki

Timmy T Maranda

Umqeqeshi waseNingizimu Afrika wabangaphansi kweminyaka engama-23 uDavid Notoane ukholelwa ukuthi isikwati sesilungele ngo-80% ukuya kuma-Olympic ase-Tokyo.

Ekhuluma ngemuva kwekhempu yokuziqeqesha ebe impumelelo ngoMsombuluko eThekwini, uNotoane uthe iqembu lizobe selilungile uma kuqala ama-Olimpiki, futhi lizoba nenye ikhempu yokuziqeqesha ngoNhlangulana, iqembu lizohamba kusasele amasonto ayi-6 noma-8 ngaphambi kokuqala komqhudelwano.

“Le khempu isivumele ukuthi sihlole abadlali abafana no-Ashley du Preez we-Stellenbosch, noLuke Fleurs we-Supersport abalapha okokuqala ngqa,” esho.

“Singama-80% lapho esifuna ukuba khona kodwa u-20% osele usekuhlanganisweni kwabadlali bangaphandle.”

Umqeqeshi ukhethe abadlali abangama-24 abazinze kuleli ukuze baziqeqeshe kusuka ngomhla zingama-21 kuya kumhla zingama-29 kuNdasa ukukhulisa iqeqebana labadlali nokuhlola ukuqina nobuthakathaka beqembu.

Leli qembu lidlale ne-Golden Arrows ne-Maritzburg United emidlalweni yokuncintisana yobungani.

Ngokusho kukamqeqeshi uNotoane, isizukulwane sabadlali bamanje abanjengoMbule, uMokoena, uNgcobo, uMashiane, uSingh noFoster siyingxenye yesizukulwane esikhulu segolide.

Uthe ubengathanda ukuvivinya ukuvuthwa kwabadlali ngeqembu elidlala emazweni omhlaba.

“Kuleli zinga, ukuvuthwa kubalulekile,” esho.

Imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo manje seyihlelelwe ukuba e-Tokyo, e-Japan kusuka ngomhla zingama-23 kuNtulikazi kuya kumhla ziyi-8 kuNcwaba.

Isithombe: @safa.net

Izihloko zakamuva