Dylan Bettencourt
Izishingishane neziphepho zicekele phansi iNingizimu Afrika kulo nyaka.
Lezi zehlakalo kube ngezibulala kakhulu ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu.
Izazi zezulu ezisebenza ngaphansi kwe-World Weather Attribution (i-WWA) Initiative zihlaziye iziphepho nezishingishane ezimbili ezenzeke e-Madagascar, e-Malawi nase-Mozambique.
Umqulu othathwe phakathi kwamasonto ayisithupha uveze ukuguquka kwesimo sezulu okubangele imvula enkulu.
Ngesikhathi abantu abangu-230 belahlekelwa izimpilo zabo, abanye abantu abayisigidi baye bathinteka.
“Lolu cwaningo luhambisana nokuqonda kwesayensi ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu okubangelwa ukukhishwa kwegesi ebamba ukushisa kwabantu kukhanda kanjani imvula enkulu,” kusho isitatimende se-WWA ngoMsombuluko.
“Ngesikhathi umkhathi ufudumala unqwabelanisa amanzi amaningi, kwandisa ingozi yokuna kwemvula.”
Ucwaningo luveze ukuthi i-Afrika, ekhipha amagesi abamba ukushisa okuncane kakhulu kuwo wonke amazwekazi, ibhekene nemiphumela emibi kakhulu yokushintsha kwesimo sezulu.
Isimo sezulu esibi kanye nezigigaba ezifana neziphepho nesomiso sezigqame kakhulu futhi zibe nomphumela omubi kanti lokho kuphazamise ezolimo okuwumthombo omkhulu wemali emazweni amaningi ase-Afrika.
“Okunye futhi, siyabona ukuthi abantu abanomthelela omncane wokuguquka kwesimo sezulu nabo bathwele kanzima,” kusho uFriederike Otto, ohola ngokubambisana ne-WWA.
I-Madagascar, i-Malawi kanye ne-Mozambique ziphakathi kwezifunda ezimpofu kakhulu e-Afrika, okwenza ukuqoqwa kwedatha kube nzima kakhulu.
E-Mozambique, kuthinteke iziteshi zabo zesimo sezulu ezine kwezingu-23 ezikwazi ukuveza okwenzeka kudala ngo-1981.
I-Malawi ne-Madagascar bezingenayo imininingwane efanelekile yokuqinisekisa ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu kubangele iziphepho nezishingishane zakamuva.
Esinye seziphepho sibulale abantu ababalelwa kwabangu-25 e-Mozambique, sacekela phansi amakhaya angu-7,700.
Isiphepho esifanayo sibulale abantu abangu-58 e-Madagascar futhi sishiye abantu abangu-72,000 bengenakho abangakwenza ngaphandle kokuthi bakhishwe emakhaya abo.
“Ukushintsha kwesimo sezulu kukhulisa ubungozi ezindaweni lapho iziphepho zasezindaweni ezishisayo sezivele zithinta ezolimo, ingqalasizinda, indlela yokuziphilisa kanye nempilo,” kusho ososayensi.
“Ukuhlanganiswa kwezenzakalo zemvula eziningi kwenza kube nzima kakhulu ukuthi imiphakathi ilulame futhi ilungiselele isigameko esilandelayo.”
Umthombo wesithombe: @UNICEF