Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umndeni waseGqeberha uthole umfowabo owayelahlekile ngemuva kokumbona esithombeni somdlalo wamaBhokobhoko esifakwe yingosi yezindaba.
Lo mlisa ubeyisiguli esigula ngengqondo kodwa wanyamalala ezinyangeni ezedlule. Udadewabo uthi impilo kamama wabo yaba yimbi ngesikhathi elahlekile.
UJohan Kotze ubezama nje ukwenza okuhle ngesikhathi enikeza umlisa ongenakhaya ithikithi lakhe lamaBhokobhoko. Kodwa isenzo sakhe esincane saholela kokuthile okukhulu kakhulu.
Indoda ayisiza kwakungu-Alan Strydom, ohlala emigwaqweni eKapa futhi ogama lakhe linguLuigi. Ngesikhathi uKotze ezwa ukuthi u-Alan ungumlandeli webhola lombhoxo, wamnika ithikithi lamahhala lokubuka amaBhokobhoko edlala nama-Barbarians.
U-Alan wayengazi ukuthi ukuphuma kuzombuyisela emndenini wakhe. INews24 ifake isithombe salaba ababili bemamatheka ku-inthanethi, kwathi izihlobo zika-Alan eGqeberha zamubona.
Udadewabo uCharmelle ubethukile. Bebengakaze bambone kusukela ngoNhlolanja. “Sigajwe yinjabulo ngemuva kokumbona emdlalweni,” usho kanje encwadini ayibhalele iNews24.
UCharmelle uthe umama wabo ubekhathazeke kakhulu. Impilo yakhe yaba yimbi kakhulu ngemva kokuduka kuka-Alan.
U-Alan ubeyisiguli esibhedlela sabagula ngengqondo e-Fort England eMakhanda. Wagula ngesikhathi sekhefu lakhe. Umndeni wakhe uthe ubeqhuba kahle waze wasiza nabanye.
Manje sebezama ukumletha ekhaya. Kodwa kuze kube manje, akekho osekwazile ukumthola futhi.
UKotze ubuyele eKapa waze wakhuluma lolu daba ohlelweni lweSABC i-Expresso, ngethemba lokuthi kukhona ozombona u-Alan.
Omunye umbukeli, u-Aphiwe Nsimbi, uhlabeke umxhwele ngale ndaba waze wanikeza uCharmelle ithikithi lokuya emdlalweni olandelayo wamaBhokobhoko ne-Italy eGqeberha.
UCharmelle ubonge uKotze ngomusa wakhe. Uthe uyise wabo ongasekho wabenza bathanda ibhola lombhoxo.
UKotze uthe, “Uma le ndaba iphetha nomndeni usuhlangene, ngizojabula kakhulu. Amen.”
Esithombeni esingenhla: Amakhithi ama-Springbok.
Umthombo wesithombe: @Springboks
