Menzi Magubane
Ukunqoba ku-ES Setif emdlalweni we-CAF Confederation Cup e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ntambama, bekuzokwenza amaBhakabhaka adlulele kuma-quarterfinal yize ezobe esasalelwe ngumdlalo owodwa – ngeshwa akuvumanga kona.
Nokho iBucs isaqhwakele ku-Group A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, yize izinto zingashintsha ngoLwesine kwazise i-Enyimba esendaweni yesibili isazodla.
AmaBhakabhaka azobhekana ne-Enyimba emdlalweni wokugcina ka-Group A ngoLwesithathu oluzayo eNigeria kanti ukunqoba noma ukudlala ngokulingana kuzobadlulisela esigabeni esilandelayo.
IPirates ibiqala kulo mqhudelwano walesizini ukuthi ihluleke wukushaya igoli ekhaya, okubi nje wukuthi izivakashi bezingahlezi emuva. Empeleni yizo izivakashi ebezinamathuba amaningi okushaya amagoli kunePirates.
IBucs kuzomele ibonge unozinti wayo uSiyabonga Mpontshane okwazile ukuqinisekiea ukuthi ezakhe azingenelwa yigoli ngesikhathi evimba ibhola esebhekene ngqo noLomotey.
IPirates iphoqeleke ukuba imkhiphe emdlalweni uMpontshane ngemuva kokulimala yafaka uWayne Sandilands.
Ngesiwombe sesibili amaBhakabhaka athole elihle ithuba lokubhakuzisa inethi kodwa umgadli wayo uTshegofatso Mabasa uvele wakhetha ukulibeka phezu kwepali ibhola ebhekene nonozinti.
USandilands uvimbe imvula yamabhola ukugcina ezakhe emdlalweni. ISetif, enamaphuzu ayisihlanu, ayikaphumi embangweni wokudlulela phambili kodwa ithemba layo lisekutheni umdlalo phakathi kwe-Enyimba ne-Al Ahly Benghazi uphele ngokulingana.
Lokho kuzobashiya benamaphuzu alinganayo neBenghazi abazobhekana nayo emdlalweni wokugcina ngoLwesithathu oluzayo.
Umthombo wesithombe: @iol