UKlopp uyakuvuma ukwehlulwa kweqembu

Dylan Bettencourt

Umphathi weLiverpool uJurgen Klopp uthi, ‘kubukeka sengathi’ iqembu lakhe angeke linyukele esicongweni sendawo yesine kwi-English Premier League kule sizini.

Iqembu lase-Merseyside linqobe ngelilodwa eqandeni ngesikhathi lidlala neWolves ngoMsombuluko ebusuku, okunikeze iqembu amaphuzu amathathu abebewadinga kakhulu obekungukunqoba kwabo kwesibili emidlalweni yabo emihlanu edlule yeligi. Ukunqoba kwabo kubasondeze eduze kweqembu lase-London iChelsea ebashiya ngamaphuzu amahlanu, kanti umphathi wase-German uyavuma ukuthi kuzoba umsebenzi onzima ohlangothini lwakhe ukuthola i-UEFA Champions League yesizini ezayo.

Ekhuluma nephephandaba lase-German i-Bild, uKlopp uthe: “Ngiyathanda ukuba nethemba, kodwa kuligi, angiboni ukuthi singafaneleka ukungena ku-Champions League. UGareth Bale usebuyile kuTottenham useyadlala, futhi nabo basemjahweni womncintiswano. Kanye [neManchester] City ne-United, abakude kakhulu.”

Uqhube wathi: “IChelsea iyakhuphuka. Ukuthola isicoco se-Champions League kuligi kuzoba nzima, siyakwazi lokho.”

Yize ekuvuma ukwehlulwa emjahweni we-Champions League kule sizini, umphathi wase-German akesabi ukuthi angahle aphelelwe ngumsebenzi, ngoba wonke umuntu othintekayo kule kilabhu uyazi kahle isizini enzima esibenayo, futhi wonke umuntu uyakholelwa komunye nomunye nokuthi mhlampe bengaguqula isimo sabo esibi.

ILiverpool yehlule iqembu lase-German iRB Leipzig emdlalweni wabo we-16 we-Champions League futhi basazothola ukuthi bazobhekana naliphi iqembu kumaquarter-final mhla zi-19 kuNdasa uma sekuyisikhathi somqhudelwano.

ILiverpool ingakulungela ukudlala kumkhankaso we-Champions League wesizini ezayo ngokunqoba indebe yesizini yamanje okuzoba yinto enzima ukucelwa ngamaReds.

Umthombo wesithombe: @LiverpoolFC

Izihloko zakamuva