Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iphini Lokuqala likaNobhala-Jikelele we-ANC lithi ukungena kuHulumeni woBumbano lukaZwelonke kwaleli qembu kwabe kuyisu lokubaleka ukuze lingangeni ehlazweni lokuba iqembu eliphikisayo kuleli.
Lokhu kuvezwe iphini likaNobhala-Jikelele uNkk Nomvula maMkhize-Mokonyane muva nje ngesikhathi ehambele izinhlaka zikaKhongolose KwaZulu-Natal.
Ekhuluma nabezindaba uMokonyane uthe kula mavoti angamaphesenti angu-40 babona kahle ukuthi kunokuba bavume induku bayoba iqembu eliphikisayo kungcono baze nezinye izindlela.
“Kulawa maphesenti angu-40 esawathola, sabona kahle ukuthi eqinisweni kunokuba sibeyiqembu eliphikisayo kungcono senze imizamo ezokwakha nozinzo ezweni kuphinde kusetshenzwe kuyiwe phambili,” kusho uMokonyane.
Ukusho lokhu nje amadlelandawonye e-ANC aweneme ngokuthi kwangenwa kuHulumeni woBumbano kaZwelonke neDA ayibona iyisitha sawo.
ISACP yona yayingafuni ngisho nokuthi uKhongolose usebenzisane neqembu uMkhonto weSizwe kaMnuz Jacob Zuma.
UMokonyane uphinde wacacisa ngokuhambela eKZN, wathi kungamampunge ukuthi kumayelana nokuzohlakazwa kobuholi besifundazwe nobeTheku.
Uthe lokho inhlebo yasemakhoneni abangayazi.
