Ukhala ngomkhonyovu “ofake” isicelo sokuvimba uZuma okhethweni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuqubuke indida ngesinqumo seKhomishana yoKhetho ezimele (IEC) ngesinqumo sokuvala uMnuz Jacob Zuma ukuba angenele ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba njengoba sekuvela ukuthi kwasuselwa esicelweni somgunyathi.

Lokhu kudalulwe uMnuz Bethuell Terrence Nkosi ngesikhathi echazela abameli beqembu uMkhonto weSizwe (MK) abamfake enkantolo njengomumangalelwa wesithathu ecaleni elisenkantolo yezokhetho.

Utshele abameli ukuthi abe-IEC bathatha isinqumo ngoba besusela ku-imeyili yakhe engumgunyathi neyayikokoteliwe.

Okhulumela iMK kuzwelonke uMnuz Nhlamulo Ndlela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uNkosi kwabona abamazi nokuthi owakuphi.

“UNkosi uchazele abameli bethu ukuthi akayazi le imeyili okuthiwa yathunyelwa nguye kwabeKhomishana yokhetho. Uthe i-imeyili yakhe ihekhiwe ngakho akazilutho ngendaba kaZuma.

“Umuntu ovumile ukuthi yena wayithumela i-imeyili, uDkt Maroba Jimmy Matsapola oyisikhulu se-Western Cape Gambling Board.  UMatsapola ungummangalelwa wesibili kulolu daba,” kuchaza uNdlela. 

UMatsapola (osesithombeni) nguye ozivumele ngokwakhe ukuthi wasifaka isicelo sokuba iKhomishana yoKhetho eziMele ingavumi nakancane ukuba uZuma angenele ukhetho.

Emaphepheni abonwe i-Scrolla.Africa asenkantolo afakwe abameli beMK, baveza nokuthi izikhalo zokuvimba uZuma ukuba angenele ukhetho bazunywa ngazo abazange babikelwa kusenesikhathi.

Bathi okunye okwenzeka ukuthi kwaphinde kwathunyelwa izikhalo zokuvimba uZuma kuma-imeyili okungewona awoMkhonto.

Bathi izikhalo zathunyelwa ku-imeyili ethi [email protected] esikhundleni sokuthumela kweyangempela esetshenziswa iqembu ethi: [email protected] .

Isimemezelo sokuvimba uZuma ukuba angenele ukhetho senziwe ngoLwesine obelwandulela iPhasika.

Kuyimanje udaba lusenkantolo.

Izihloko zakamuva