Ukhala ngokunganakwa kwabesifazane kwezemidlalo

Lubhalwe nguThathe Msimango

Isihlabani sakuleli se-basketball esihamba ngesihlalo esinamasondo uSamukelisiwe Mbatha uthe isifiso sakhe esikhulu ukubona kuba nokulingana kwezemidlalo kuleli.

Sekuphele iminyaka eminingi kukhalwa ngokuthi imidlalo yabesilisa inakwa kakhulu uma iqhathaniswa neyabesifazane.

UMbatha odlalela iKwa-Zulu Natal Warriors kwiligi yasekhaya, uthe kunenselelo enkulu kakhulu kubadlali abaphila nokukhubazeka.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ucabanga ukuthi izwe lisalele emuva kakhulu uma kukhulunywa ngokulingana.

“Njengabesifazane, sisabhekene nezinselelo eziningi okufanele zixazululwe, kodwa lokhu kubi kakhulu uma kuziwa kithina esiphila nokukhubazeka,” kusho uMbatha obeyingxenye yeqembu ebelimele elakuleli kuma-Commonwealth Games.

Lo mdlali (21) ubeyingxenye yokusungulwa kweqembu lesizwe kusukela ngo-2015, futhi uthe kube inhlanhla enkulu kuyena ukuhlonishwa njengomunye wabadlali abahamba phambili kuleli.

“Kumele ngibonge ukuba yingxenye yeqembu lesizwe. Ngiphuma endaweni yasemakhaya lapho engihamba khona isikhathi esingaphezu kwehora ukuze ngifinyelele endaweni yokuzilolonga,” kusho uMbatha odabuka eNdwendwe, enyakatho yeTheku.

“Baningi abadlali abanezindawo ezingcono zokuzilolonga kodwa abakwazi ukungena eqenjini lesizwe.”

Abantu abaningi bacabanga ukuthi imidlalo yobungcweti edlalwa ngamaqembu abaphila nokukhubazeka ayincintisani kakhulu, kodwa akunjalo.

“Akulula ukungena esikwatini futhi kufanele ngizimisele ukuze ngigcine indawo yami eqenjini. Ngakho uma ngingena enkundleni nginikela ngakho konke enginakho ngidlale nezinye izingane ezifisa ukuba sezingeni engikulo,” kuchaza uMbatha.

UMbatha okholelwa kakhulu kuyena nakozakwabo ucabanga ukuthi isithiyo esikhulu ababhekene naso ukungaqhudelani namaqembu angcono.

Ukuze bahlale bencintisana, uMbatha nozakwabo kufanele bahambele amanye amazwe ukuze badlale imidlalo yobungani namaqembu ahamba phambili emhlabeni. Kodwa abanazo izinsiza zokusekela lokhu.

Kodwa-ke, uMbatha owaqeda umatikuletsheni ngo-2019 usanethemba lokuthi basenalo ithuba lokungena kuma-Paralympics ngo-2024.

“Sehlulekile ukungena kuma-Olympics okugcina ngoba sibe nesikhathi esincane sokuzilungiselela. Kodwa ngicabanga ukuthi sinalo ithuba lokuhlungela umqhudelwano olandelayo wango-2024.”

Esithombeni esingenhla: USamukelisiwe Mbatha

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva