Uhambo lwamaNazaretha lwasentabeni lufukula umnotho wezakhamizi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uhambo lwamaNazaretha obelubheke entabeni engcwele yaseKhenana oZwathini, lusize izinkumbi zezakhamizi ukuba zixoshe ikati eziko.

Lokhu kuvezwe okhulumela ibandla uMnuz Thokozani Mncwabe ngesikhathi amaNazaretha aseBuhleni aholwa uNyazilwezulu etheleke entabeni engcwele ngemuva kwezinsuku ezimbili enqamula ngonyawo eyoqala inhlangano kaMasingana. 

UMncwabe uthe lolu hambo lunqamule komasipala abathathu okuyiTheku, iNdwedwe no Maphumulo. 

“Izakhamuzi zakulezi zindawo ebesidlula kuzo bezidayisa eduze kwemigwaqo futhi namaNazaretha ethenga njengoba uhambo lusuke lulude.  Uyabona isigubhu samanzi okubangu-2 litre, besibiza kusuka ku-R20 kuya ku-R50. Abantu amanani ezinto abazidayisayo uma kudlula amaNazaretha bawaphinda kabili noma kathathu. Nokho okubalulekile ukuthi lapho esidlula khona sishiya umnotho endaweni kuze kube siyogibela intaba,” kusho uMncwabe.

Uthe kuningi abafike bakwenza njengemikhuleko yokubingelela intaba nokunye okuyimikhuba engcwele eyenziwa uma kufikwa eKhenana kodwa engaxoxwa.

Uveze nokuthi esinye isigaba esibalulekile ukuthi izingane zesikole zizodedelwa ziyesikoleni uma sekuvulwa izikole.

Uthe zizovunyelwa ukuba sezinkonzweni ngezimpelasonto ukuze zingasali ezifundweni..

“Okunye kuzothi uma sekuvalwa inhlangano bese kuba nosuku lokuba labo asebekhethene bashadiswe. Kulokhu sibheke izithandani ezingu-3000 ukube zishade ngaphambi kwenkosi uNyazi nokuzokwenzeka uma sekuphela uMasingana,” kusho uMncwabe. 

Uqhube wathi umgidi wemishado uzokwenziwa eBuhleni sekwehliwe entabeni.

AmaNazaretha aseBuhleni abevamise ukuya entabeni iNhlangakazi ngesikhathi soMphrofethi uVimbeni Shembe.

Kuthe uma ekhothama ngo-2011, kwasuka umbango phakathi koNyazi noMisebeyelanga Vela Shembe. 

Kuthe uma umbango ususeNkantolo aboNyazi bayiduba iNhlangakazi bayoqala iKhenana njenge ntaba engcwele.

Izihloko zakamuva