Ugwaze wabulawa obezama ukuvikela umshana wakhe

Everson Luhanga

Laba bayizingane zandawonye ebezihlezi zibhekelelana, kodwa njengamanje ubhuti  usemakhazeni kanti udadewabo uvalelwe ejele ngamaphoyisa.

UTshepo Lamfithi obeneminyaka engama-30 ugwazwe usisi wakhe ngesikhathi ezama ukuvikela umshana wakhe – eshawa usisi wakhe ngesihluku.

Indodakazi yomsolwa inikeze isitatimende ngokwenzekile kwenziwa uCynthia Sindiswa Msibi oneminyaka engama-40 ongumsolwa kanye nodadewabo kaTshepo.

UMsibi oqhamuka e-Alexandra enyakatho neGoli, utshele i-Scrolla, Africa ukuthi umfowabo nodadewabo babe nengxabano ngeSonto ebusuku. Lokho kuholele ekushoneni kukaTshepo.

UCythia uthe udadewabo uhambe nabangani bakhe beya ukuyophuza amanzi amponjwane “ngesikhathi ebuya wafike washaya ingane yakhe yentombazane eneminyaka eyi-16 ebalekele kumalume wayo ukuba ayivikele.”

Ngesikhathi uTshepo etshela udadewabo ukuba angayishayi ingane,  uyidonse ngezinwele eyikhipha egumbini likamfowabo.

UCynthia uthe lokhu akuhlalanga kahle kuTshepo, obebona konke ukuhlukunyezwa kwengane.

“Ududule udadewethu wamsusa eduze nengane, okuyilapho udadewabo ahambe khona wayothatha ummese ekhishini” kusho uCynthia.

Udadewabo ube esememeza kakhulu ukuthi phakathi kwakhe nengane yakhe khona okumele afe namhlanje ebusuku.

UCynthia uthe uTshepo ushone ezama ukuvikela umshana wakhe kudadewabo obemhlukumeza.

“Umgwaze amanxeba amathathu emzimbeni ngenhla washonela egcekeni” kusho uCynthia.

Ngemuva kokubulala umfowabo uCynthia uthe udadewabo uye emzini kamzala wabo okomunye umgwaqo wafike wabatshela ukuthi usebulale uTshepo.

Ingane kadadewabo  ibisendlini ibheke umalume wayo ekhipha umphefumulo wakhe wokugcina.

Okhulumela amaphoyisa ase-Alexandra usayitsheni uSimphiwe Mbatha uqinisekisile ukuba umsolwa uzilethe yena emaphoyiseni.

“Uvele enkantolo yemantshi yase-Alexandra ngoLwesibili ngecala lokubulala” kusho uMbatha.

Izihloko zakamuva