Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UThabisa Mbangeli utholwe egoqwe nge-duvet enamanxeba okusha nesitho esiphukile, engakwazi ukunyakaza noma ukukhuluma kahle.
Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kwakhe njengoba umphakathi ukhomba indodakazi yesoka lakhe, abebenengxabano nayo isikhathi eside.
Ukhala ngobulungiswa umndeni wase-East London ngemuva kokutholwa kukaThabisa Mbangeli (46) elimele kanzima washiywa kanjalo e-Reeston.
UThabisa utholwe ngeSonto ekuseni eduze kwaseMpilweni Community Health Centre. Ulahlwe esikhotheni eduze nendawo kadoti, egoqwe nge-duvet ecela usizo.
Okhulumela umndeni, uYandiswa Mbangeli, uthe umuntu obedlula ngendlela umzwile ekhala wabe esebikela umndeni.
“Umzala uye endaweni lapho atholwe khona wamfica elele ehlathini embozwe nge-duvet engakwazi nokunyakaza basondela bazama ukumphakamisa,” kusho uYandiswa.
Bathuke kakhulu bethola ukuthi isikhumba sakhe siyaxebuka futhi umzimba wakhe ushile. Ubephukile futhi.
“Kudingeke bamthwale esagoqwe ngayo i-duvet, into abeyisho ukuthi ucela amanzi.”
UThabisa uphuthunyiswe esibhedlela kodwa washona ngenxa yezinhlungu namanxeba akhe. Umndeni uthe ushe kanzima futhi ubevuvukele ekhanda.
“Ubebomvana umzimba wonke, bambilele umzala wami, ikhanda lakhe sengathi belishawa ngokuthile,” kusho uYandiswa.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala. “Ilungu lomphakathi libikele umndeni omnyise esibhedlela lapho eshonele khona.”
Umndeni ukholelwa ukuthi uyazi ukuthi ubani owenze lokhu. UYandiswa uthe umphakathi usola owesifazane wase-Reeston oyindodakazi yesoka likaThabisa.
Ngokusho kukaYandiswa laba besifazane baxabene kanzima ngeledlule. “Baxabana, uThabisa wazama ukushisa umjondolo wesoka lakhe. Kusukela lapho ubelokhu emgwema lo wesifazane.”
I-hashtag ethi #Justice4Thabisa isabalale ku-Facebook, abaningi bafuna isinyathelo esisheshayo.
Isishoshovu samalungelo abantu uMnuz Petros Majola naye ukugxekile ukubulawa kwabantu.
“Kuyethusa uma omunye wesifazane enza into efana nale komunye. Sesijwayele ukulwela abantu besifazane, kodwa lokhu kuyadida,” esho.
Osesithombeni esingenhla: UThabisa Mbangeli (46)
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
