Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Obepheka umculo kaMampintsha noBabes Wodumo ungene kwezwakala emculweni ngezingoma ezishisa izikhotha kulezi zinsuku.
UDj Skillz ogama lakhe langempela uZwakele Mdletshe ushisa izikhotha ngengoma yakhe eku-EP nesihloko esithi Phumelela.
Le ngoma isigijime yayoshaya u-1.6 million ngokudla ubhedu kuYouTube.
USkillz utshele iScrolla.Africa ukuthi le ngoma kanye nezinye uyihlanganisa nezinkakha endimeni yomculo nokwenze ibe ulozolo.
“Kwezinye izingoma ngisebenzise ebengihlonipha ngazo uMampintsha njengoba sisebenze naye isikhathi eside ngimkhiqizela umculo,,” usho kanje.
Uthe empeleni yena umculo yinto yasekhaya njengoba ekhuliswe kubo ngomculo wamakhwaya ekhaya eSikhawini.
Uveze ukuthi lokhu kumenze wagcina ikhono lo mculo langena lagxila kuye ngisho eseseMangosuthu University of Technology okuyilapho ayenza khona iziqu zokuba iQuantity Surveyor.
USkillz muva nje usebenze kakhulu noZee Nxumalo.
Kule ngoma yakhe iPhumelela usebenze nabantu abafana noZeh Mageba noSimmy.
