Lubhalwe nguRorisang Modiba
UChidimma Adetshina ulwela ukuhlala eNingizimu Afrika ngemuva kokuba uMnyango Wezasekhaya umsole ngokuhlala ezweni ngaphandle kwamaphepha asemthethweni.
UMnyango Wezasekhaya ufuna uChidimma Adetshina axoshwe ezweni ngemuva kokumsola yena nendodana yakhe ngokuhlala eNingizimu Afrika ngokungemthetho.
Owafinyelele kowamanqamu emncintiswaneni kaMiss SA kumele akhombise inkantolo ukuthi wenzeni ukuze akwazi ukuhlala kuleli.
Owafinyelela kowamanqamu emncintiswaneni kaMiss South Africa, uChidimma Adetshina, ulwa nomzamo woMnyango Wezasekhaya wokumxosha eNingizimu Afrika.
Lo wesifazane oneminyaka engu-25 ubuyele eNkantolo Yesifunda yaseKapa ngoLwesine ngomhalak-16 kuNtulikazi.
Bekulindeleke ukuthi anikeze inkantolo isitatimende esikhombisa izinyathelo asezithathile ukuze enze ukuhlala kwakhe eNingizimu Afrika kube semthethweni.
UMnyango Wezasekhaya umsola ngokuhlala ezweni ngaphandle kwamaphepha afanele okungena nokuhlala ezweni futhi wambamba ngenyanga kaNhlangulana.
Uqale ukuvela enkantolo ngomhlaka-9 kuNhlangulana wabe esekhululwa ngemuva kokuxwayiswa.
Imibhalo yenkantolo ithi u-Adetshina watshela izikhulu ukuthi uyisakhamizi saseNingizimu Afrika ngesikhathi engena ezweni evela eMozambique ngomngcele iLebombo.
UMnyango Wezasekhaya uphinde uthi yena nendodana yakhe encane babehlala eNingizimu Afrika bengenawo amaphepha asemthethweni okuvumela ukuhlala kwabo ezweni.
Udaba lobuzwe bakhe luqale ukugqama ngesikhathi somncintiswano kaMiss South Africa ka-2024.
Kamuva uMnyango Wezasekhaya wathi uthole izinkomba zokuthi unina, u-Anabela Rungo, kungenzeka ukuthi wasebenzisa imininingwane yomunye umuntu ukuze athole amaphepha kamazisi waseNingizimu Afrika.
URungo waboshwa wabe esekhululwa ngebheyili engu-R10,000. Akukho lwazi olusha oluphume emphakathini mayelana necala lakhe kusukela ngaleso sikhathi.
U-Adetshina wahoxa emncintiswaneni kaMiss South Africa ngemuva kwalolu daba oluphathelene nobuzwe bakhe. Kamuva wamela iNigeria futhi wawina umncintiswano ka-Miss Universe Nigeria ka-2024.
Waqeda endaweni yesibili emncintiswaneni ka-Miss Universe eMexico, waphinde waqokwa njengo-Miss Universe Africa and Oceania ka-2024.
Esithombeni esingenhla: uChidimma Adetshina.
Umthombo wesithombe: Ifayela
