Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho,ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo eKZN uzwakalise ukuzwelana nosizi olubhekene neMeya yaseGoli ngenxa yokuwohloka kwedolobha layo nokuyinto angafisi ukuba yenzeke eThekwini.
UMfundisi uMusa Zondi uveze lokhu ngesikhathi ethula amahhovisi amasha uMnyango wakhe osuthuthele kuwo aseDube Trade Port ngasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka ngoLwesibili emini.
Uthe bathathe isinqumo sokuthuthela eDube Trade Port ngenhloso yokuba abatshalizimali bagcine bephephile futhi kubelula ukufinyelela kumahhovisi uma befika endizeni bezotshala umnotho eKZN.
“Okwenze sathuthela eDube Trade Port kube ukonga imali njengoba uHulumeni ubhekene nengwadla yokungabinamali. Njengoba silapha,sizosebenza kulamahhovisi ngaphandle kokuchitha imali lena esingenayo. Okunye okwenze sathutha enkabeni yeTheku kube ukuthi izinga lobugebengu lidlalubi. Abatshalizimali okungamakhasimende ethu, abethi esabambe nathi umhlangano, uthole ukuthi izimoto zabo ziyagqekezwa ngaphandle njengoba nezindawo zokupaka besingenazo,” usho kanje.
Uthe isekungcono manje ukuthi abatshalizimali bazothi behla endizeni, bangalokhu beguduza kodwa baphume esikhumulweni sezindiza baqonde ngqo emahhovisi uMnyango ngaphandle kwezinkinga.
UZondi uthi nakuba bephumile enkabeni yeTheku kodwa abalishiyanga iTheku ngoba bafuna liqhubeke kube isizinda somnotho wesiFundazwe.
Uthe yingakho namahhovisi ekomkhulu leThala bengazange balilethe eDube Trade Port, kunalokho balisuse elokishini eMlazi baliletha eThekwini ngaseNorth Beach ukuze iTheku liqhubeke nokuba lisiname esikhundleni sokuwohloka njengeGoli.
” Ngikengaxoxa noMeya waseGoli Dada Morero ngimbuza ukuthi kodwa wenzenjani kulesi simo esinzima kanjena sedolobha elikhulu kangaka ezwenikazi lase-Afrika kodwa eseliphenduke into engachazeki. Ngizwelane kakhulu naye kanti yilokhu okwenze ukuba iTheku nakuba lihlushwa ubugebengu kodwa singavumi liwohloke njengeGoli,” usho kanje.
Uthe okunye osomabhizinisi abancane, bakhale kakhulu ngokuthi eMlazi kuseceleni nokwenze ukuthi babacabangele ngokuyisa amahhovisi eThala edolobheni eThekwini.
