Lubhalwe nguRorisang Modiba
UNokwe-Mseleku ufake izithombe zama-imeyili nenkulumo eqoshiwe lapho ekhuluma nomphenyi onenkinga yokuyiqonda i-akhawunti yakhe.
UBonko Khoza uzichithile zonke izinsolo, wathi angaphezu kuka-12 amalungu eqembu abekhona futhi izithombe ezingahleliwe zabuyekezwa zasulwa yizo zonke izinhlangothi ngoLwezi ka-2023.
UBonko Khoza usekhethe ukuzikhulumela. Umlingisi uthi izithombe ezibuyekezwe abaphathi bokukhiqiza, abamele inethiwekhi, amalungu eqembu kanye nama-ejenti wezinhlangothi zombili ngoLwezi ka-2023 ziqinisekisa ukuthi akukho okungalungile okwenzekile ngesikhathi sokuqopha. Ufuna luvalwe udaba.
Isitatimende sakhe siza ngemuva kokuthi umlingisi uNirvana Nokwe-Mseleku ephumele obala ngezithombe zama-email kanye nezinkulumo eziqoshiwe, okuhlanganisa nalapho ekhuluma nomphenyi wecala ngalesi sigameko. Uthi wabika ngokwenzeka ngo-2023, akazange asekelwe, futhi kamuva wavula icala lobugebengu ngoNhlaba ka-2024 elingazange lishushiswe.
UNokwe-Mseleku usole uKhoza ngokweqa imingcele ngesikhathi kuqoshwa i-Red Ink ngo-2023, wathi nakuba indawo yesigameko yahlelwa kabusha kwaxoxwa nangemvume kodwa okwenzeka ngesikhathi esimisiwe kudlulele kunalokho okwakuvunyelwene ngakho.
UKhoza ukhiphe isitatimende sakhe ngomhlaka-18 kuNhlaba ka-2026. Uchaze umdlalo njenge-clothed violent stunt okwaxoxwa ngawo wahlelwa kabusha kukhona nabaqondisi, abaxhumanisi be-stunt kanye nabasebenzi bokukhiqiza.
“Ngiyakuphika ukuthi ngamhlukumeza noma ngenza okubi ngiyamhlonipha uNkk Nokwe-Mseleku kanye nalo mdlalo,” usho kanje.
Uthe bangaphezulu kuka-12 abasebenzi abahleli phansi kanti akekho noyedwa kubo obike ukuthi kukhona okungahambi kahle. Uthe wonke umuntu ocubungule le vidiyo ukuqinisekisile ukuthi akukho ukuziphatha okubi okwenzekile.
Ukuqinisekisile ukuthi kwavulwa icala lobugebengu ngoNhlaba ka-2024. Uthe amaphoyisa aphenya akhetha ukungashushisi.
“Ngaqaphela ngasekuqaleni konyaka odlule ukuthi amaphoyisa aluphenya lolu daba kwathi ngemuva kokucubungula amaqiniso abomthetho abazange balusukumele lolu daba,” usho kanje.
Inkulumo eqoshiwe uNokwe-Mseleku ayisabalalise esidlangalaleni, uzwakala ekhuluma nomphenyi wecala ngokwenzekile. Ukushintshana kubonisa iphoyisa lidonsa kanzima ukumqonda.
Womabili amaqembu ame ngaku-akhawunti yawo.
Osesithombeni esingenhla: Umlingisi uBonko Khoza.
Umthombo wesithombe: @BonkoKhoza
