U-Chidimma ubhale ngamaphupho aphukile ngemva kokuwinela iNigeria kuMiss Universe 

Lubhalwe nguRorisang Modiba

U-Chidimma Adetshina ubhale ku-Instagram ngohambo lwakhe olusuka embangweni kaMiss South Africa ukuze anqobele iNigeria isicoco sikaMiss Universe.

Ubhale ngendlela amaphupho akhe alimala ngayo ngonyaka odlule kodwa wabonga indlela impilo yakhe ehambe ngayo.

UChidimma Adetshina ubelokhu ebheka emuva impumelelo yakhe kaMiss Universe ngemuva kokuphuma emqhudelwaneni kaMiss South Africa ngonyaka odlule.

Lo mfundi wezomthetho owazalelwa eSoweto  waqala ukwaziwa ngo-2023 ngesikhathi ehoxa emqhudelwaneni kaMiss South Africa ngemuva kokungaboni ngaso linye ngobuzwe bakhe kanye nophenyo lwamaphepha omndeni wakhe.

Lesi sigameko, kanye nokuhlaselwa kwabantu abaningi ku-Internet, kumenze wazibuza ukuthi ngabe usenalo yini ikusasa emiqhudelwaneni wonobuhle.

UChidimma wabe esethuthela eNigeria, lapho engenele umncintiswano kaMiss Universe waseNigeria.

Uqhubekile nokuwina isicoco waphinde wamela iNigeria kuMiss Universe 2024, lapho anqoba khona isicoco sikaMiss Universe Africa & Oceania futhi waqeda nabanye ayeqhudelana nabo abaphambili emhlabeni.

Ku-Instagram, uChidimma usanda kubheka emuva ohambweni lwakhe, wabhala ukuthu: “Ngonyaka odlule ngalezi zikhathi amaphupho ami abhidlika phambi kwamehlo ami kodwa ngiyalubonga lolu hambo.”

Ubheke nokuthi impilo yakhe isihluke kangakanani uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, lapho ebhekene nengwadla eNingizimu Afrika.

Ukuya eNigeria kwamvumela ukuthi angenele umqhudelwano wamazwe omhlaba ngemuva kodweshu olwaqeda amathemba akhe omncintiswano waseNingizimu Afrika.

Osesithombeni ngenhla: uChidimma Adetshina. 

Umthombo wesithombe: @Chidimma Adetshina

Izihloko zakamuva