Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Siyaveva iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokuphucwa abaqaphi ekubeni impilo yaso isengozini ngenxa yombango namaqhinga aphekwa endlunkulu ngayo.
Lokhu kulandela incwadi evuthayo esiyibhalele uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa simyalela ukuba angenelele ekutheni kubuyiswe abaqaphi baso.
Sidalule ukuthi abaqaphi siphucwe bona ngesonto eledlule silungiselela ukuya eSwatini ngokuthi bancishiswe besuka kwabangu 12 kwasala abahlanu kuphela.
“Ngilukhulumile lolu daba noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu. Uthembise ukuthi uzolilungisa ngokushesha kodwa kuze kube manje akukho osekwenzekile,,” kusho iNgonyama.
Iqhube yathi isimo sayo sibucayi kakhulu nokungaba ukuthi singasocongwa noma inini.
Kuleli sonto IScrolla.Africa sidalule ukuthi kunetulo elibi eliphekwayo lokuba kuxoshwe lowo oyiphekelayo ukuze labo abafuna umhlaba nengcebo kaZulu kuNgonyama Trust bakwazi ukusondela eduze bayidlise baphinde bayifakele nezidakamizwa eziphuzweni.
IScrolla.Africa siphinde sabika nokuthi ngesikhathi iNgonyama inohambo lwangaphandle kwezwe, yaphucwa abaqaphi bancishiswa nokwathi uma abezokuPhepha kwayo befuna incazelo kaNgqongqoshe uMchunu kodwa akangayingena indaba yabo.
Kumanje iNgonyama ithi ngokwezokuphepha ihlinzekwa ngokwesigaba sababengoMengameli kodwa ayiyithole yonke leyo mihlomulo yalesi sigaba sezokuphepha.
Kumanje kuthiwa ayisathembi lutho ngenxa yokwesabela impilo yaso.
Kuthiwa isixoshe nabantwana abebeseduze kwayo bendlu okuthiwa inenzondo endala noyise osizalayo okwabe kunguMdlokombane.
Kuthiwa lenzondo emgakhipha nesidumbu, yaqala phakathi kukaMdlokombane noyise walaba baNtwana eligodliwe igama lendlu abasuka kuyo kanti wayebuye abengusoPolitiki noNgqongqoshe ohlonishwayo kuHulumeni.
INgonyama ithi uRamaphosa akalusukumele ngokushesha lolu daba lwezokuphepha kwakhe ngoba isihluleke yancama kuMchunu.
Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uNksz Kamokgelo Mokgotsi ukuqinisekisile ukuthi uMchunu ukhulumile neNgonyama kodwa wathi akakwazi ukukhipha eminye imininingwane.
