Sizwe Sibiya
Abashayeli bamatekisi balungiselela ukwephula umthetho kanye nokuziba ukwethusa kwegciwane le-corona ngokubuyela begcwalise abagibeli ngoMsombuluko.
UPhillip Taaibosch, umengameli we-South African National taxi council (SANTACO), uthe bazobe besebenza ngokujwayelekile ukugcwalisa abagibeli, ukuphikisana nenqubomgomo kazwelonke.
Amatekisi ahamba amabanga amade nawo azotholakala ngoMsombuluko futhi uTaaibosch uphonse inselelo emaphoyiseni ukuthi ake alinge azame ukuthwala amatekisi abo.
” Noma ngabe uNgqongqoshe uyavuma noma akavumi, wonke amatekisi ahamba amabanga amade kuzomele aqale ukusebenza,” kusho uTaaibosch, uthayisele ngokuthi angeke bazifune izincwadi eziyimvume yokuhamba kubagibeli.
Abashayeli bamatekisi ezweni lonke basinqabile isibonelelo semali ye-covid-19 esiyisigidi esisodwa samarandi esiphuma kuhulumeni.
Ngeviki eledlule izinhlangano zamatekisi eGoli zahlela ukuvala izwe lonke zathumela umlayezo ocacile kuhulumeni ngendlela abangeneme ngayo ngesibonelelo semali abakade benikezwa yona.