Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abomndeni wowesilisa waseMakhabeleni, eKranskop, oshonele eRussia ngemumva kokunqaba ukungena empini ebhekene ne-Ukrain,sebebeke amathemba abo kuNgqongqoshe wezobuDlelwane naMazwe angaPhandle ukuze kubuyiswe isidumbu sakhe.
Umama wezingane zikaMnuz Sihle Makhaye (44), uNksz Sibonelo Ndwandwe nabakwaMakhaye kuthe ngoLwesibili ekuseni batheleka ePitoli lapho bezobonisana khona nehhovisi likaNgqongqoshe uRonald Lamola ngezinhlelo zokubuyisa uMakhaye okuthiwa washonela ejele laseRussia ngoba eboshelwa ukungafuni ukuyolwa empini.
UNksz Ndwandwe uthe banethemba lokuthi ekugcineni bazokwazi nomndeni ukufihla ithambo likayise wezingane zakhe.
“Ukufika lapha epitoli ukuze sibenomhlngano naboMnyango kubuyisa ithemba lokuthi sizokwazi ukubuyisa ithambo likababa wezingane zami ukuze afihlwe ngesizotha,” usho kanje.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma osiza lo mndeni ngezinhlelo zokuwuxhumanisa noNgqongqoshe wezobuDlelwane naMazwe angaPhandle, uRonald Lamola, uthe ithimba alijuba lisebenzisana nelikaLamola ukuze kusizakale umndeni wakwaMakhaye.
UMakhaye washonela eRussia eboshiwe emva kokuba enqabe ukulwa empini phakathi kwe Russia ne-Ukraine. Wahamba waya kuleliyalizwe ethenjiswe umsebenzi kanti kuzothiwa akalwe empini kodwa wanqaba.
Kulokhu kusolwa indodakazi yowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma okunguNkk Duduzile Zuma-Sambudla ngokudayisa laba bantu ngemali engaphezulu kuka-R10 million nokubakhohlisa ethi ubatholele umsebenzi ekubeni beyolwa impi .
UMakhaye udlule emhlabeni mhlaka-28 kuNdasa.
“Sibonga ukusebenzisana noNgqongqoshe uRonald Lamola kulolubdaba. Ithimba engalijuba ukwenza lomsebenzi lisebenzisana nethimba likaNgongqoshe uLampla ukulekelela umndeni. Sizama ukubuyisa umufi azongcwatshelwa ekhaya eKranskop.”kusho uDuma.
