UNgizwe Mchunu weseka imiklomelo yamaMetro ngemuva kokuhlaba ikhwelo lokuthi udutshwe lo mcimbi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgizwe Mchunu ujoyine abaculi baseThekwini abakhangisa ngomcimbi wezindondo zamaMetro KwaMashu, yize ebesanda kuphakamisa ukuthi lo mcimbi awudutshwe ngenxa yokuthi lo msakazo awuwunaki umculo kamaskandi.

Phambilini usole iMetro FM ngokuxhaphaza abaculi bamaskandi, wathi lo msakazo awuwudlali umculo wabo kodwa usazuza ngokuqokwa.

Abalandeli bomculo KwaMashu babone isimanga ngeSonto ngesikhathi uNgizwe Mchunu ejoyina abakhangisa amaMetro FM Music Awards.

UMchunu ubonakale eWiseman Car Wash, ishisanyama edumile elokishini enyakatho yeTheku. Ubehamba ngemoto yohlobo lweToyota Fortuner ebhalwe ngamaMetro awards.

Uhambe nabaculi bendawo abebekhangisa umcimbi idolobha lonke. Kwenzeka lokhu nje, emasontweni ambalwa edlule enxuse abaculi nabalandeli bamaskandi ukuthi bayidube le miklomelo.

USandile Makhoba ongomunye wabakhangisi uthe basebenze noMchunu ngesikhathi somkhankaso. Uthe uMchunu ukhombise ukungalwisani nalokhu wabamba iqhaza ngokugcwele.

“Ngicabanga ukuthi usewushintshile umqondo ngoba besinaye … ekhangisa amaMetro FM Awards futhi ubejabule kakhulu,” kusho uMakhoba.

Ngenyanga edlule uMchunu ugxeke kakhulu lezi zindondo. Usole iMetro FM ngokungawunaki umculo kamaskandi ekubeni isabaqoka abaculi bawo.

Uthe lo msakazo awuwudlali umaskandi kodwa uyahlomula ngokwezimali kulo mculo. Uphinde wathi umculo ubukelwa phansi.

“IMetro FM ayiwudlali umculo kaMaskandi. Empeleni bayasizonda thina njengamaBhinca,” esho ngaleso sikhathi.

UMchunu akatholakalanga ukuba aphawule ngokushintsha kwakhe umqondo. Imibiko ithi ngokuhamba kwesikhathi uhambele imibhikisho ebimelene nabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho.

Esithombeni esingenhla: UNgizwe Mchunu uhlanganyele nabaculi eWiseman Car Wash KwaMashu ukuyoqhakambisa izindondo zamaMetro FM Music Awards ngemuva kokuthi phambilini ethe aziduyshwe.Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva