Owesifazane waseNyanga udlwengulwe ngamadoda amabili ngemuva kokugqekeza umjondolo wakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala waseNyanga uthi amadoda amabili agqekeze umjondolo wakhe ebusuku amdlwengula cishe amahora amabili, kanti isoka lakhe likwazile ukubaleka.

  • Amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngemuva kokutholakala eduze kwendawo yesigameko, kwavulwa icala lokudlwengula nelokugebenga endlini esiteshini samaphoyisa eGugulethu.

Owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala waseNyanga eKapa uthi udlwengulwe amadoda amabili agqekeza umjondolo wakhe elele nesoka lakhe.

Lo wesifazane ohlala e-KTC, uthe lesi sigameko senzeke ebusuku ngemuva kokuzwa izigebengu zigebenga umuntu oseduze.

Uthe bezwe isisulu siphoqwa ukuthi sihambe nezigebengu siye e-Terminus siyokhipha imali.

Ngemuva kokunqamuka komsindo ngaphandle izithandani ziphinde zalala.

Ngokuhamba kwesikhathi baphaphame lapho amadoda amabili eqala ukuzama ukugqekeza umjondolo wabo.

“Sivuswe amadoda amabili abezama ukukhipha u-zinc phambi komjondolo ukuze akwazi ukungena,” kusho yena.

Ngesikhathi abasolwa bekhipha uzinc, isoka lakhe likwazile ukukhipha ucezu lwezinc ngemuva komjondolo ukuze libakele.

Kodwa omunye wabasolwa ubabonile.

“Angazi ukuthi isoka lami lakwazi kanjani ukubaleka kodwa angizange ngimbone.Bese ngiseli ngedwa nala madoda amabili,” esho.

Abasolwa bamphoqa ukuthi abuyele emjondolo ngalo mgodi ababewuvulile.

“Ngangena ngaphakathi nomunye wabasolwa kwathi sesingaphakathi, lo owayengaphandle wakhahlela isicabha,” kusho yena.

Uthe amadoda aqale athatha izingubo zesoka lakhe kanye nesidlo sasemini abezilungiselele sona.

Emva kwalokho bamdlwengula.

Uthe la madoda amabili abeshintshana ngokumdlwengula omunye emi emnyango ebheka ukuthi akekho yini ozayo.

Uthe ukuhlasela kuthathe cishe amahora amabili.

Laba balisa babaleke ngesikhathi kufika imoto ethwele abantu ababili.

“Ngasindiswa yileya moto,,” kusho yena.

Uthe wabe esegijima waya kubo kwabazali bakhe eyobika ngokwenzekile.

Eselapho kwafika isoka lakhe namaphoyisa.

Uthe abasolwa basasendlini baboshwe ngesikhathi kufika amaphoyisa.

“Into engiyifunayo ukuthi bakhokhe ngalokho abakwenzile.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uSergeant Wesley Twigg usiqinisekisile lesi sigameko.

UTwigg uthe icala lokudlwengula nelokugebenga labhaliswa esiteshini samaphoyisa eGugulethu.

Esithombeni esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseGugulethu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva