Lubhalwe nguDylan Bettencourt
UJose Riveiro ujoyine i-Al Ahly ngoNhlangulana 2025 kodwa wahlala izinyanga ezimbalwa ngemuva kokungaqhubi kahle kwemiphumela ku-Egypt Premier League.
Emdlalweni wakhe wokugcina bahlulwe yiPyramids ngo 2-0, okushiye lezi zinkunzi zinqoba owodwa umdlalo emidlalweni emine kule sizini.
Isikhathi sikaJose Riveiro e-Egypt sesiphelile. Lo mqeqeshi waseSpain uxoshwe yi-Al Ahly ngeSonto ngemuva kokungayiqali kahle isizini eshiye lezi zinkunzi zase-Egypt zihlezi endaweni ka-12 ku-log.
Ukukhishwa kukaRiveiro kwenzeke ngemuva kosuku iqembu lakhe lihlulwe ngo 2-0 yiPyramids FC kowe-Egypt Premier League.
Ujoyine i-Al Ahly ngoNhlangulana 2025 ngemuva kokushiya i-Orlando Pirates, lapho ajabulela khona impumelelo enkulu. Ngesikhathi eseNingizimu Afrika unqobe izicoco ezintathu zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup.
Kepha amagalelo akhe awamsebenzelanga eCairo. Isivivinyo sakhe sokuqala esikhulu kube ese Fifa Club World Cup e-United States, lapho i-Al Ahly iphume esigabeni samaqoqo ingawinanga nowodwa umdlalo.
Kule sizini kuyazibhedela nje. Ama-Red Devils akwazile ukunqoba umdlalo owodwa, adlala ngokulingana kabili nokuhlulwa emidlalweni yawo emine yokuqala yeligi. Imiphumela iveze lukhulu kubaphathi beqembu, abamemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uRiveiro ushiyile “ngesivumelwano”.
Umdlalo wakhe wokugcina kwaba wukushaywa ngo 2-0 yiPyramids, okuyiqembu elinqobe iCAF Champions League elahlula iMamelodi Sundowns kowamanqamu ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Isithombe esingenhla: UJose Riveiro ngesikhathi ese-Al Ahly.
Umthombo wesithombe: @AlAhlyEnglish
