Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Owayengumholi we-ANCYL akayingeni indaba yokulandela owayenguMengameli uJacob Zuma ngokujoyina uMkhonto weSizwe Party njengoba ethi kungafana nokuthi uphendukele idlozi likamkhulu wakhe owayeyingqalabutho kaKhongolose.
UMnuz Andile Lungisa ukusho lokhu ekhuluma ne-Scrolla.Africa emcimbini obusenkundleni i-JL Dube eNanda ngoMsombuluko we-ANC wokuhlomela ukuya eMoses Mabhida ukuyokwethula usomqulu wezethembiso zokhetho.
Uthe yena uyindoda kaKhongolose engasoze yagudluka kulokhu umkhulu wakhe uNombewu ayekholelwa kukho.
“Angilubeki kuMkhonto weSizwe. Mina umkhulu wami uNombewu okunesikole esiqanjwe ngaye eCofimvaba, wayeyingxenyye e yezingqalabutho zikaKhongolose. Ngakho angikwazi ukumufulathela ngiyekuMkhonto weSizwe. Mina ngiyindoda kaKhongolose,” kusho uLungisa.
Ukusho lokhu nje baningi abebelokhu bemkhomba kuMkhonto weSizwe Party ngenxa yokusondelana kwakhe noZuma nokuhlale egxeka izinqumo ezithathwa ubuholi bukaMnuz Cyril Ramaphosa.
Useke wazwakalisa ukungenami ngabanye abaholi bakaKhongolose abafuna ukusebenzisana ne-DA emva kokhetho luka-2024 uma kwenzeka kuphoqa ukuba izwe liphathwe ngokubambisana.
ULungisa wayeyiphini likaMengameli wophiko lwentsha kaKhongolose ngaphansi kukaMnuz Julius Malema noNobhala Jikelele uNksz Vuyiswa Tulelo.
Ubudlelwane bakhe noZuma baholela ekutheni amsize ekutheni akhethwe engqungqutheleni yesiFunda iNelson Mandela e-Eastern Cape ngesikhathi uMnuz Gwede Mantashe noMnuz Oscar Mabuyane bemvimba ekutheni angenele ukhetho ngo-2017.
Lo mholi uke wabasematheni ngesikhathi eboshelwa icala lokukhwabanisa imali ebalelwa ku-R2.5 million okwakuthiwa izikhokhelwa umculi waseMelika uMnuz R Kelly ukuba adlale emcimbini kaMnuz Nelson Mandela ngo-2013.
ULungisa wabasematheni ngesikhathi esanguSihlalo we-National Youth Development Agency ngo-2010 nalapho okwasuka umsindo ngombuthano wentsha owadla owawubizwa ngokuthi i-17th World Festival of Youth and Students.
Kulo mcimbi kuthiwa kwadliwa imali yabakhokhibentela engu-R106 million ngezethembiso ezenziwa entsheni kodwa ezingafezwanga.
Okunye kuthiwa kwafakwa ama-invoice okukhokhela abaculi ababengazange balubhade kulo mcimbi futhi ababengazi lutho ngawo.