Lubhalwe nguPalesa Matlala
Umsolwa osolwa ngokubulala uMatipandile Sotheni ukuphikile ukuthi wadubula uWitness D wathi iphoyisa laseNingizimu Afrika lalifuna abulawe.
Amaphoyisa atshele iNkantolo yeMantshi yaseBrakpan ukuthi uSotheni utholwe nesibhamu sohlobo lwe-AK47 kanye nezinhlamvu okukholakala ukuthi zebiwe emaphoyiseni.
Impi yebheyili yowesilisa osolwa ngokubulala uWitness D owayeqavile kwiKhomishini kaMadlanga kulindeleke ukuthi iqhubeke eNkantolo yeMantshi yaseBrakpan ngoLwesithathu ngemuva kokuqhuma kwezinsolo ezishaqisayo enkantolo ekuqaleni kwaleli sonto.
UMatipandile Sotheni ubhekene namacala angu-16 ahlobene nokubulawa kukaMarius van der Merwe, obebuye aziwe ngelikaWitness D.
Amacala ahlanganisa awokubulala, ukuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala.
NgoMsombuluko, inkantolo ilalele izinguqulo ezimbili ezihluke kakhulu ezenzeka ngaphambi kokudutshulwa kukaVan der Merwe.
Ngosuku lokuqala efaka isicelo sebheyili,uSotheni waphika ukuthi wakhipha isibhamu.
Esikhundleni salokho, wakhomba ngeminwe iphoyisa laseNingizimu Afrika, uWiandre Pretorius, owashona ngokuzibulala ngoNhlolanja.
UPretorius kuthiwa wazibulala ngemuva kokubalwa
noVan der Merwe kwiKhomishini kaMadlanga emacaleni okubulala nokulahla isidumbu.
USotheni uthi uPretorius ubemfuna efile.
Utshele inkantolo ukuthi uPretorius wamthinta ecela usizo “ngenkinga” ethile, kodwa wagcizelela ukuthi akazi ukuthi yini leyo nkinga.
USotheni umile kwelokuthi akahlangene nokubulawa kukaVan der Merwe.
Kodwa umphenyi waphikisa isinqumo sakhe enkantolo.
UMbuso ukholelwa ukuthi uSotheni waba nesandla ekubulaweni kwabantu.
Ubhekene namacala eSchedule Six, okuyisigaba esibucayi kakhulu samacala ngaphansi komthetho waseNingizimu Afrika.
Lapha kubalwa awokubulala, ukwakha itulo lokubulala kanye namacala amathathu okuzama ukubulala.
Inkantolo iphinde yezwa ukuthi uSotheni kusolakala ukuthi utholwe nesibhamu sohlobo lwe-AK47 esinelayisensi kanye nenqwaba yezinhlamvu.
Ezinye zalezi zinhlamvu kukholakala ukuthi zebiwe emaphoyiseni aseNingizimu Afrika.
Ngenxa yokuthi amacala angaphansi koHlelo Lwesithupha, uSotheni ubhekene nomqansa wokuthola ibheyili.
Kufanele akholise inkantolo ukuthi kunezimo ezingavamile nokuthi ukumdedela kuyoba nenjongo yobulungisa.
Lolu daba kulindeleke ukuthi luqhubeke ngoLwesithathu.
UMatipandile Sotheni uvele eNkantolo yeMantshi yaseBrakpan ngecala lokubulala ufakazi weKhomishini kaMadlanga uMarius van der Merwe.
Umthombo wesithombe: Ifayela
