Mkhuseli Sizani
Iziguli eziningi kudingeke ukuba zikhohlwe ukulimala kwazo zisindise izimpilo zazo ngenkathi kundiza izinhlamvu kwaDokotela elokishini KwaZakhele, e-Port Elizabeth ngoMsombuluko ekuseni.
Izigebengu ezinesihluku zidubule zabulala isiguli emotweni yaso ngaphandle endaweni kaDokotela.
Esinye seziguli ebesilinde ngesineke ithuba lakhe lokuthi silashwe ngudokotela sitshele abakwa-Scrolla.Africa: “Bengihleli emotweni yami ngigwema ezinye iziguli ngenxa ye-Covid-19 ngenkathi ngizwa ukuqhuma kwezibhamu.”
“Bengizitshela ukuthi iziqhumane, kodwa ngithe uma ngibheka emnyango wakwaDokotela ngabona iziguli ebezikulayini zigijimela ngaphakathi ukuyocasha. Bebekhala, befuna usizo ngenkathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu emotweni yesinye isiguli.”
Uthe wabona owesifazane ohamba ngesihlalo esinamasondo nowesilisa owayexhuga nabo begijimela phakathi kwaDokotela.
“Ngilale emotweni yami ngoba bengingazi ukuthi izinhlamvu ziqhamuka ngakuphi.”
Uthe ngemuva kwemizuzu embalwa kwathuleka base beyahamba bayobheka emotweni.
“Sithole umshayeli eseshonile emotweni yakhe encike esiteringini. Womabili amawindi angaphambili abegcwele izinhlamvu,” uyasho.
“Umshayeli ubenomgibeli emotweni yakhe obebonakala sengathi ubalekile ngoba bekungaziwa lutho ngaye.
U-Colonel Priscilla Naidu uthe kuvulwe icala lokubulala ngemuva kokutholakala kowesilisa oneminyaka engama-40 eshonile kuMtshiselwa Street ngehora leshumi ekuseni ngoMsombuluko emotweni yakhe i-Renault. Uthole amanxeba amaningi okudutshulwa.
“Izimo zokubulala azaziwa. Abasolwa nabo abaziwa. Igama likamufi ligodliwe kuze kwaziswe izihlobo.”