Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Lesi salukazi esineminyaka engu-73 saseGqeberha sondla abazukulu abane nezingane ezintathu ezindala ezingasebenzi sisebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni kuphela nemali ebolekiwe.
Ucwaningo lweBlack Sash lubonisa ababolekisi abangabhalisiwe ababoleka abathola isibonelelo sikahulumeni ngenzalo ezingekho emthethweni eziphakathi kuka-30% no-100% ngenyanga.
Isalukazi esineminyaka engu-73 saseGqeberha sithi akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokuboleka imali ukuze sondle umndeni waso.
Uhlala nabazukulu abane nezingane ezintathu ezindala zonke ezingasebenzi. Umuzi uphila ngezibonelelo zikahulumeni.
Uthi izibonelelo azanele ukweseka wonke umuntu.
“Izinto zinzima ikakhulukazi ngoba imali yesibonelelo sikahulumeni ayenzelwanga ukondla umndeni wonke, yenzelwe ukuhlangabezana nezidingo zomuntu oyedwa kodwa ngenxa yokuthi imisebenzi iyashoda singogogo nomkhulu sigcina sesondla emakhaya ekubeni izingane zethu kufanele kube yizo ezisihlinzekayo manje,” usho kanje.
Uthi amanani okudla aphezulu ayamphoqa ukuthi aboleke.
“Ngenxa yokuthi ukudla kuyabiza akukho esingakwenza ngaphandle kokuboleka imali,” kusho yena.
Lo wesifazane uthi phambilini wayebolekwe kumashonisa elokishini langakubo. Uthi umashonisa uthathe ikhadi lakhe lasebhange nomazisi.
“Ngangiboleka umashonisa waselokishini, engiphuca ikhadi lasebhange nomazisi. Ngangikuzonda kakhulu lokho manje ngiza lapha edolobheni, okungenani lapha abangiphuci ikhadi, badonsa imali engiyikweletayo kuphela,” kusho yena.
Uthi ukuboleka sekuphenduke umjikelezo. Uma imali isikhishiwe, kumele ayoboleka futhi.
“Sekuwumjikelezo kodwa lokho kuyangijabulisa, inqobo nje uma ngingabaniki umazisi namakhadi asebhange,” kusho yena.
Uthi uzizwa ephoxekile ngenxa yezithembiso zesikhathi esidlule.
“Ngesikhathi sivotela intando yeningi sasicabanga ukuthi izingane zethu zizoqashwa kodwa manje izinto zibheda kakhulu, angikaze ngicabange kule minyaka yami ukuthi ngisazozinakekela izingane zami,” usho kanje.
Ucwaningo lweBlack Sash lukhombisa ukuthi ababolekisi bemali abangabhalisiwe bahlose ukuthola izibonelelo ze-SASSA. Abanye bagcina amakhadi ezibonelelo bese bekhipha imali ekupheleni kwenyanga.
IBlack Sash ithi abantu abadala babhekene nenzalo engekho emthethweni ephakathi kuka-30% no-100% ngenyanga. Abaningi bayaphoqeleka ukuthi banikeze omazisi njengesibambiso.
Abaningi abamukeli bezibonelelo abangakwazi ukuthola imali ebolekiwe yasebhange. Lokhu kubashiya nomashonisa abalawula indlela abasebenzisa ngayo izibonelelo zabo.
Esithombeni esingenhla: Izalukazi eziklelele ukuthola izibonelelo zakwa-SASSA.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
