Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
USihlalo we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe uxwayise amalungu e-ANC ezweni lonke ukuthi ayeke ukudelela uMnuz Jacob Zuma neqembu lakhe uMkhonto Wesizwe.
UMantashe ugxeke amalungu abephethe ibhokisi lomngcwabo elibhalwe ukuthi-“RIP Zuma and MK” kwiMayihlome Rally enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.
“Maqabane asizile lapha ukuzothuka muntu,” kusho uMantashe.
Embukisweni omkhulu wamandla, amavolontiya e-ANC agcwelise inkundla yezemidlalo emumatha abantu abangu-75 000 kwathi enye inqwaba yabantu yagcwala ngaphandle kwenkundla.
Izinkulungwane zibonakale zithenga enkabeni yeTheku kanti ezinye ziye emabhishi asenyakatho naseningizimu ukuze zizijabulise kwelikaBanana.
NgoLwesihlanu ebusuku, izinkulungwane zamavolontiya e-ANC bezimasha emigwaqeni yaseThekwini ngaphambi komkhankaso.
UNobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula uthe i-ANC izolwela ukugcina i-KZN.
“Isifundazwe saKwaZulu-Natal sibambe iqhaza elibaluleke kakhulu emlandweni we-ANC njengoba kuyindawo okwazalelwa kuyo umsunguli wenhlangano yethu (Inkosi uLangalibalele Dube) nalapho okwazalelwa khona abaholi abaningi nezishoshovu zethu.” kusho uMbalula.
UNgqongqoshe wezaManzi, uMnuz Senzo Mchunu uthe bajabule ngendlela amaqabane abephume ngayo.
” Buka okwenzekayo abantu sebelubonile ushintsho ezimpilweni zabo yingakho besazovotela i-ANC KwaZulu-Natal,” kusho uMchunu.
UMengameli we-ANCYL uMnuz Collen Malatji uthe abantu abasha abasoze bayilahla i-ANC.
“I-ANCYL iyaphila futhi isebenzela ukugqugquzela umzabalazo wentsha yakuleli futhi noMengameli we-ANC usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi izidingo zabantu abasha ziyalungiswa,” kusho uMalatjie.
IMayihlome Rally iphinde yaba ingxubevange yezinkulumo zepolitiki kanye namaciko aphambili okubalwa kuwo abaculi bakamaskandi abadumile uGatsheni, uMthandeni noBig Zulu.
Nezokuphepha beziqinile enkundleni, kukhona izinhlobo ezahlukene zamaphoyisa nezobuNhloli.
Esithombeni esingenhla: Ibhokisi eligxekwe uSihlalo kazwelonke we-ANC uGwede Mantashe
Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane