
Menzi Magubane
I-Netflix izodlala okokuqala ngqa uchungechunge lohlelo olunezingxenye ezinhlanu olumayelana nokushona kukaSenzo Meyiwa okwathusa umhlaba eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.
Le dokhumenthari ekhuluma ngobugebengu, ebizwa ngokuthi: i-Murder of a Soccer Star izokhonjiswa okokuqala ngqa mhla ziyisikhombisa kuMbasa, izobe ibheka ukuthi uMeyiwa wabulawa kanjani e-Vorsloorus, e-Gauteng ngomhlaka-26 kuMfumfu ngonyaka ka-2014.
Miningi imibuzo engaphenduleki ngokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana mhlawumbe le dokhumenthari ingase inikeze ezinye zezimpendulo ezifunwa ngabalandeli emhlabeni jikelele.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe engusaziwayo uKelly Khumalo. Kuyo yonke le minyaka edlule akukacaci ukuthi kwenzekani ngempela ngalobo busuku ngaphezu kofakazi abangaphansi kwabayisithupha, kuhlanganise noKelly uqobo, bekhona endlini.
Umbuzo omkhulu uthi, ubani owabulala uMeyiwa futhi kungani?
Ngisho uFisokuhle Nkani Ntuli osolwa ukuthi uyabandakanyeka kulelicala lokubulala akazinikezi izimpendulo eziqondile. UNtuli udonsa odilikajele abayisithupha ngamacala okubulala angahlobene.
Umndeni kaSenzo, nokho, awukaqiniseki ukuthi umsolwa ungumbulali wangempela. Bakholwa ukuthi umbulali akakatholakali.
Noma kunjalo, idokhumenthari ingaletha ukuthula emndenini kaSenzo, ozobamba iqhaza kuyo. Bazohlinzeka ngemininingwane mayelana nokuphila nokufa kukaKaputeni weBafana Bafana.
Iphinde ibe nezingxoxo ezikhethekile nomsakazi wezemidlalo uRobert Marawa, nowayengumphathi woklebe uShadrack Sibiya kanye neJaji uGerrie Nel.
“Idokhumenthari ethi-Murder of the soccer star iwuchungechunge olujabulisayo olunezingxenye ezinhlanu zobugebengu bangempela oludingida udaba lokubulawa kwesihlabani sebhola lezinyawo esithandwa kakhulu,” kusho isitatimende sabezindaba.
“Lolu chungechunge luzocobelela ngolwazi ngokwenzeka ngobusuku benhlekelele lapho uMeyiwa adutshulwa wabulawa ngesibhamu esinezinsolo zokugebenga ngonyaka ka-2014.”
Idokhumenthari iqondiswe nguSara Blecher futhi ididiyelwe nguThando Davids, uNiel Brandt kanye noTendeka Matatu.
Umthombo wesithombe: @KemptonExpress