Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
Njengoba sekusele izinsuku ezingaba ngu-40 ukuthi kube nokhetho, uJulius Malema utshele abavoti ukuthi ube negalelo elikhulu enkolweni yobuKristu kuleli.
Ezwakalisa uthando lwakhe ngebandla kanye noNkulunkulu, uMalema uhlabe umxhwele izakhamizi zase-Eldorado Park eGoli ngoLwesithathu.
Umsunguli we-EFF uza kahle impela njengoba azi ukuthi abantu abamnyama bakuleli bazinikele kakhulu enkolweni yobuKristu futhi izigidi zabavoti zingathanda ukuholwa ngumKristu.
Abaholi abangenele ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba, okuhlanganisa noMengameli uCyril Ramaphosa bebekhankasa emabandleni ezinyangeni ezedlule noma bebiza igama likaNkulunkulu ezinkulumweni zabo.
Balinganiselwa ku-85% abantu bakuleli abazichaza njengamaKrestu.
“Ngizwa kuthiwa kunesiwula ebesihamba sithi angimfuni uJesu Kristu,” kusho uMalema. “Uma bethi uJulius Malema akamthandi uJesu Kristu kumele ubatshele ukuthi uJulius Malema wakha ibandla likaKristu eSeshego lapho aphuma khona, ngenhloso yokuhlonipha unina.
“Kunendlu kaNkulunkulu engayakha ngezami izandla futhi ngamema uMengameli we-MK uJacob Zuma ukuba ahambe nami ayovula lelo bandla.
“Futhi uZuma wafika,” kusho uMalema.
Umholi we-EFF uthe akakhanga ibandla elilodwa kuphela kodwa amaningi.
“Ngibe nomnikelo wokuqinisekisa ukuthi le nkolo yobuKrestu iyathuthuka njengezinye izinkolo. Ngakho-ke anginalutho olumelene nobuKristu ngaphandle kokuthi mina ngokwami ngingumKristu. Inkolo yami ngeyobuKrestu.
“Ibandla lami iSeshogo Baptist Church,” kusho uJuju eqinisekisa umphakathi.
Umzabalazo wabantu abamnyama wenkululeko kanye namalungelo abantu ayisisekelo usuxhumene nebandla iminyaka engaphezu kweyikhulu.
I-ANC kaNelson Mandela yasungulwa eWeseli e-Bloemfontein ngo-1912.
Le nhlangano ibilokhu ixhumene naleli bandla eminyakeni edlule njengoba abefundisi nabashumayeli beyingxenye yesigungu esiphezulu sikazwelonke.
Emashumini eminyaka, uMbhishobhi Omkhulu ongasekho uDesmond Tutu kanye noMadiba bakuveza ukubaluleka kwebandla emzabalazweni wabamnyama wenkululeko.
