Lidlule emhlabeni linukwa ngokuhlela itulo lokudutshulwa iphoyisa lezobuNhloli

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Iphoyisa loPhiko lwezobuNhloli eThekwini kuthiwa lidlule emhlabeni linenhliziyo ebuhlungu ngoba lisolwa ngokuthi yilo elathumela abahlaseli ukuba badubule ukuze kufe uzakwabo bese kuphela icala labasolwa ngokushaya izimoto zemali kwaMashu.

Lezi zinsolo zivele ngeSonto ngemumva kokuvela kwezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kukaSergeant Mandla Khuzwayo obesesibhedlela eThekwini ngemumva kokusinda bedutshulwa eMt Edgecombe ekupheleni kukaNdasa.
Kulesi sigameko kwashona uCaptian Louis Nel kwathi uKhuzwayo waphuthunyiswa esibhedlela.
Kuthiwa imoto eyabadubula, yatholakala ngakubo kaKhuzwayo isishisiwe.

“Yikhoke lokhu kwemoto eyatholakala ngakubo kwaKhuzwayo kwaMashu ishisiwe okwenze kwaqala amahlebezi okuthi lokhu kuhlasela kwakuhlelwe uKhuzwayo negenge yangakubo eshaya izimoto zemali ukuze kubulawe uNel besekuphazamiseka uphenyo lokushawa kwezimoto zemali. Lamahlebezi abemuphethe kabi uKhuzwayo nabasondelene nabo abebewabona eyitulo nenzondo. Laba abebebhebhethekisa lamahlebezi bebethi uKhuzwayo wadubuleka ngephutha endaweni ebucayo ngoba empeleni kwakungaqondiwe yena kodwa kwakufunwa uNel,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.

UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ekhuluma emngcwabeni kaNel wathi ababulali bazobabamba ngisho noma bephila noma befile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udlulisele iScrolla.Africa kuMkhulumeli kazwelonke emaphoyiseni uBrigadier Athlenda Mathe.
UBrig Mathe akatholakalanga ocingweni kanti kushaye isikhathi sokushicilela engakayiphenduli imibuzo ebithunyelelwe yona.

Izihloko zakamuva