Kuzophela ubungani bephinda betholana kweyesicoco sesibhakela

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abathandi besibhakela kufanele balindele umdlalo oshubile njengoba uBathabile Ziqubu noThema Zuma bezobhekana bebanga ibhande le-SA female junior bantamweight ngenyanga ezayo.

Le impi ewumdlalo wamagqubu njengoba ngesikhathi beqala ngqa ukuhlangana ngoNhlangulana ehholo lase-Greyville eThekwini uZuma noZiqubu bashayana baze babukana, kodwa amajaji athi kwanqoba uZuma.

Abanye abalandeli  babona kufanele ngabe uZiqubu uyena othole isicoco.

Manje uphromotha uZandile Malinga we-Starline Promotions usenikeze abashayisibhakela ithuba lokuphinde batholane.

UZiqubu onguthisha wase-Ladysmith utshele i-Scrolla. Africa ukuthi usefisa ukungena eringini aziphindiselele ngokuhlulwa kwakhe.

“Ngesikhathi uphromotha engitshela ngokulwa noThema futhi ngivele ngajabula kakhulu.”

“Ngisafisa ukulungisa umdlalo engahlulwa kuwo.”

Uthe wayengekho ezingeni lakhe ngalolo suku ngoba wayenezinkinga zakhe ngaphambi kwempi.

“Kodwa lokho akuzona izaba engingavika ngazo kanti ngihlose ukumkhipha. Angifuni ukuthi umphumela ushiwo amajaji,” kusho uZiqubu.

UZuma wase-Clermont eThekwini uthe akakakulungeli ukulahlekelwa isicoco sakhe.

“Selokhu ngaba umpetha kazwelonke impilo yami isishintshile.”

“Ngiphuma elokishini elihlwempu kanti ugogo wami kuphela onginakekelayo. Isibhakela siyimpilo yami futhi singenze ngakwazi ukwakha indlu esezingeni eliphezulu enamagumbi amathathu.”

Uthe yena noBathabile bangobhululu, ubungani babo baqala ngesikhathi beqhudelana ezingeni lama-amisha.

“Kodwa ubungani buzophuma ngewindi uma sesingena eringini,” kusho uZuma.

Uphromotha uMalinga uthe le mpi izoba ingxenye yesikhumbuzo sikaSimiso “Gandaganda” Buthelezi e-Vryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UButhelezi ushone ngemuva kwezinsuku ezintathu ebambe iqhaza empini yebhande le-WBF lightweight ebhekene noSiphesihle Mntungwa ngoNhlangulana nyakenye.

Esithombeni esingenhla: UThema Zuma ohlanganisa imidlalo, uBhekani Msibi noBathabile Ziqubu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva