Kuxwayiswe abaholi be-IFP ukuba  bangabulali amagalelo kaShenge

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ngesikhathi ethula inkulumo enkonzweni yesikhumbuzo kaMntwana uMangosuthu Buthelezi oLundi, uMfundisi uMusa Zondi uthe “ukukhula kweqembu kusezandleni zenu. Qaphelani uqhekeko nokungaboni ngaso linye kwangaphakathi; ukungcolisa ifa likaMntwana uButhelezi kuzoba ukuzisola kwaphakade.”

Amazwi kaZondi anesisindo esengeziwe uma kubhekwa umlando wakhe wezepolitiki.

Ngo-2011 washiya phansi ipolitiki ngemuva kokubhekana nemikhankaso yokudicilela phansi isithunzi sakhe ku-IFP.

Wake wagaqele isikhundla sikaMengameli we-IFP okuyindima eyayibhekwe nanguSihlalo kazwelonke wangaleso sikhathi uZanele kaMagwaza Msibi.

Bobabili babonakala njengabazongena ezicathulweni zikaButhelezi ngemuva kokuthi uButhelezi amemezele ukuthi wesula esikhundleni nokwathi ngokuhamba kwesikhathi washintsha umqondo ukuze kube nozinzo ku-IFP wagcina esule esikhundleni ngo-2019.

Amahlebezi akamuva aveze ukuthi abanye abaholi be-IFP babona ukukhothama kukaButhelezi njengethuba lokuketula uMengameli wamanje uMnu Velenkosini Hlabisa.

Mayelana nokhetho lukazwelonke lwango-2024 ukhomishana we-EFF uDkt Mbuyiseni Ndlozi uhambe emazwini kaZondi enxusa uHlabisa ukuthi agcine ubumbano eqenjini.

Uphiko lwentsha lwe-IFP ngaphansi kobuholi bukaSihlalo uMnu Sanele Zondo lusukumele phezulu lwaxwayisa abantu ukuthi ngeke lubekezelele noma yikuphi ukungahloniphi.

Obengekho kule nkonzo yesikhumbuzo umngani kaButhelezi, uDalai Lama wase-Tibet othumele amazwi enduduzo.

UMntwana wakwaPhindangene ohlonishwe ngomngcwabo osemthethweni wesigaba sokuqala nguMengameli uCyril Ramaphosa uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo eMahlabathini.

Esithombeni esingenhla: Ubuholi be-IFP buhambisana nomndeni wakwaButhelezi ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yesikhumbuzo.

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva