Kuxoshwe uNgqongqoshe Wezempilo e-Eastern Cape

Zukile Majova

Umthetho omusha obekwe yi-ANC uthuse abaningi namhlanje ngesikhathi uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane exosha uNgqongqoshe Wezempilo uSindiswa Gomba.

UNdunankulu uMabuyane uthe, lesi sinqumo sizosiza uGomba ukuthi agxile ecaleni abekwe lona lokukhwabanisa mayelana nomngcwabo  kaNelson Mandela.

UGomba uyathinteka kumkhonyovu wezigidi eziyi-R10 ezanyusa intengo yamalungiselelo omngcwabo kaMadiba ngowe-2013.

Ukuxoshwa kukaGomba kunikeza iKomidi Eliphezulu Lesizwe le-ANC uhlelo olubalulekile emizamweni yalo yokuphoqa abaphethe izikhundla kanye nabasebenzi bakahulumeni ukuba bashiye esikhundleni uma bebekwa icala ngamaphoyisa.

Lo mthetho uthathwa njengesbonakaliso esiqine kakhulu sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi, usaqhubeka nokuzibophezela ekuqedeni inkohlakalo kubantu abaphethe izikhundla ezinhlakeni ze-ANC nabasebenza ezinhlanganweni okubalwa amakhansela, izimeya, oNgqongqoshe, ondunankulu kanye namalungu ekhabhinethi.

Ngesonto eledlule, umengameli uqinise ukuzimisela kwakhe ngokumenyezelwa kwe-ejensi entsha yokulwa nenkohlakalo exhaswa ngezimali.

Sekuphele izinyanga iqembu elibusayo lizama ukuphoqa uNobhala-Jikelele walo u-Ace Magashule ukuba aphumele eceleni kuze kube ukuthi iNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein isula amacala akhe. 

UMagashule ubekwe icala lokukhwabanisa nenkohlakalo esigamekweni semali eyizigidi ezingama-R250 ze-asbestos kusukela ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

UMagashule unqabile ukuphumele eceleni wathi lo mthetho usebenza kubasebenzi bakahulumeni, wengeza ngokuthi yingqungquthela yezithunywa kuphela enamandla okususa unobhala.

Ngasekuqaleni kwesonto, uGomba naye wenqabile ukuya ngokuzithandela, waphoqa isandla sikasihlalo we-ANC kanye noNdunankulu ukuba bamxoshe.

UGomba usinde emahlazweni amaningi okubalwa kuwo nohlelo lwakhe lokukhipha izigidi eziyi-R10 lokuthenga izithuthi zeziguli kanye nezithuthuthu   ngonyaka odlule.

UMabuyane uqoke uNgqongqoshe Wezindaba Zendabuko uXolile Nqatha njengeNhloko ebambile yoMnyango Wezempilo.

Ekuqaleni kwale nyanga uGomba ukhokhe i-R1,000 zebheyili eNkantolo yeMantshi e-East London.

Izihloko zakamuva