Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ukushona komfundi kaGrade R waseDanawozi (Dannhouser)ngaseNewcastle ngemuva kokuphoseka ethoyilethi kuveze ihlazo lokuthi iKZN isahamba phambili ngezikole ezisenezindlu sangasese zomgodi.
Lokhu kugqame ngesikhathi ithimba lekomiti lezeMfundo leDA eSishayamthetho saseKZN lihambele isikole Umzila eDamawozi (Dannhouser) ngaseNewcastle nokuyilapho ingane yakwaKunene ebineminyaka eyisithupha iphoseke ethoyilethi yashona ngesikhathi idlala.
UMnuz Sakhile Mngadi omele iDA ekomitini lezeMfundo eSishayamthetho uthe yize uNgqongqoshe weMfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube ezama ukuqeda izindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni kodwa okubi ukuthi iKZN isasalele emumva njengoba yona inezikole ezingu-254 eziseyimigodi nezibeka impilo yezingane engozini,” kuchaza uMngadi.
Ngokwemibiko umfanyana wakwaKunene kuthiwa ubezidlalela ngethayi ngesikhathi ephoseka ethoyilethi lesikole.
Kuthe uma othisha nonogada bemphuthuma ukuze athole usizo kodwa abezimo eziphuthumayo bathola ukuthi sekumenele.
Abazali bakhe namanje kusenzima ukwamukela njengoba benqabile ukuxoxisana nabeziNdaba
Lo mfanyana kuthiwa ushone mhlaka 6 kuNcwaba (August).
UMngadi uthe bazobhalela uSihlalo weKomiti lezeMfundo eSishayamthetho uNksz Hlengiwe Mavimbela ukuze kusukunyelwe lolu daba ngenhloso yokuba umndeni wakwaKunene uthobeke izinhliziyo.
Okhulumela uMnyango weMfundo esiFundazweni uMnuz Muzi Mahlambi udlulise amazwi enduduzo kodwa wakuchitha ukuthi lesiya sikole besisasebenzisa ithoyilethi lo mgodi.
Uthe kunalokho besekusetshenziswa uhlobo lwezindlu sangasese ezifakwa amathangi ukuze zihlanzeke.
