Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ukukhithika nezimvula kushaye kwezwela ezingxenyeni eziningi KwaZulu-Natal njengoba kuvalwe nomgwaqo omkhulu uSani Pass kwavaleka umgwaqo owelela eLesotho.
Ukukhithika kushintshe isiFundazwe kwahlwa emini ngoLwesine, kwathusa abaningi nangesiphepho njengoba ezinye izakhamizi zigcine ziphazamiseka nasemgwaqeni kwathi kwezinye izindawo kwaphephuka imizi,kwawa nezihlahla .
Lesi simo siholele ekutheni uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukhiphe iseluleko kubashayeli abalibhekise eLesotho ukuba baluhoxise ,bahlale emakhaya ukuze baphephe ngoba isimo sibi kakhulu kusuka ezintabeni zoKhahlamba.
EShowe kube okunye njengoba esikhundleni sekukhithika kubenezimvula ebezihambisana nesiphepho esibi kakhulu esishiye abantu belinyalelwe impahla nemizi.
Imizi eminingi iphephukelwe uphahla kwathi eminye yalinyazwa izihlahla ebiwiswa umoya obunolaka.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthe lesi simo sezulu sidale umonakalo omkhulu kakhulu .
” Isimo sezulu sibi kakhulu njengoba kubenesiphepho eMlalazi, kwathi izingxenye eziningi eThekwini nasoThukela zashayela kakhulu. Ngikhuluma nje umgwaqo oxhimanisa iNingizimu Afrika neLesotho onqamula oKhahlamba sinqume ukuwuvala ngoba uneqhwa elidala ukuba kungahambeki. Siyanxusa ukuthi abantu uma kuhlaleka ekhaya bahlale ngoba emigwaqeni kubi kusiphuka izihlahla ngenxa yesimo sezulu esibi,,” kusho uButhelezi.
