Kuvalwe ikhemisi engekho emthethweni

Karabo Rammutla

Iphoyisa ebelisemsebenzini lithe lisashayela imoto elokishini lezwa liphathwa ikhanda lama ukuze lizoqalaza ikhemisi. Libe selithole ikhemisi ehlukile  edayisa imithi exakile nengekho emthethweni.

Iphoyisa lime e-Olievenhoutbosch eningizimu ne-Tshwane labuza izakhamuzi ukuthi lingawatholaphi amaphilisi ezinhlungu. Izakhamuzi zibe sezimyalela ngesitolo esinayo yonke inhlobo yemithi.

Bamxoxela nokuthi imithi yakhona ishibhe kanjani nokuthi sidayisa noma yimuphi umuthi ongase ufise ukuwuthola.

Ngemuva kokufika ekhemisi iphoyisa libone ngokushesha ukuthi kukhona okungahambi kahle ngemuva kokubona imithi eyinqwaba epakishwe emashalofini kanye namabhokisi ezinhlamvu.

Iphoyisa libize amanye amaphoyisa endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane uSenior Superintendent u-Isaac Mahamba uthe ngesikhathi amaphoyisa efika esitolo acele abasilisa ababili abaphethe ikhemisi ukuthi baveze izincwadi ezisemthethweni.

UMahamba uthe laba besilisa ababili batshele amaphoyisa ukuthi bebengazi ukuthi kudingeka imvume ukuze uthengise imithi ngemuva kwalokho bacele uxolo.

UMahamba uthe esaqhubeka nokubuza baphinde bathola nokuthi laba bobabili bakuleli ngokungemthetho.

“La malungu abize uphiko lwe-K9 kanye namalungu ophiko lwe-Tactical Unit kwase kuseshwa isitolo. Kutholakale umuthi wokukhwehlela we-Benlyn, isiraphu ye-Broncleer ne-Painagon kwaboshwa abesilisa ababili uyedwa ophuma e-Mozambique omunye owase-Zimbabwe” kusho uMahamba.

Ngokuhamba kwesikhathi izakhamuzi zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi azikaze zithole lutho olungalungile ngekhemisi elivulwe espaza njengoba beze bayalela iphoyisa khona.

Kodwa ikhemisi elingekho emthethweni selivaliwe futhi abaliphethe sebezobhekana nengalo yomthetho.

Scrolla World Cup Quiz