Ingwenyama yamaNdebele isiphenduke intandokazi kwabesimame ezinkundleni zokuxhumana

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ingwenyama yesizwe samaNdebele akwaNdzudza isiphenduke intandokazi ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuziphatha kwayo okuhambisana nenhlonipho kubantu bayo.

Lokhu kugqame kulezi zinsuku njengoba Ingwenyama ibilokhu ivela ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuTiktok nalapho ibonakala inabantu bayo futhi izishayela amahlaya.

Ngisho izintombi ziyazifela ngayo njengoba ezinye sezivele zizithele inyandana ekhasini elinezithombe namavidiyo ayo bebuza ukuthi ngabe isithathile yini nanokuthi ngabe ayisidingi isithembu uma isithathile.

Omdala ubehlanganisa iminyaka engu-41 ubudala selokhu azalwa kanti ungumshana weNgonyama uMswati iii kodwa yena uphethe amaNdebele kaNdzudza azinze ngaphansi kwesiFunda iKangala eMpumalanga.

Ungene kulesi sihlalo esemncane kakhulu ngonyaka ka-2005 kanti eminye yemisebenzi yakhe kubalwa ukugcoba amakhosi, ukuqinisekisa ukuthi imigubho yamagugu amaNdebele nokunye namasiko kuyagcinwa.

Umqondisi ehhovisi le Ngwenyama, uMnuz Ntuli Mahlangu uthe kumanje iNgwenyama imatasa ilungiselela ukwemukela izinsizwa ezibuya entabeni ezingaphezulu kuka-300.

“Lo mkhosi uzokwenziwa ngehora lesihlanu ekuseni eSiyabuswa nalapho Ingwenyama izokhuluma nabo ,ibanikeze iziyalo bese ngemumva kwalokho bekwazi ukuya emakhaya ngemumva kokuqeda izinyanga ezimbili besentabeni futhi bephephile,” usho kanje.
Ubukhosi beNgwenyama uMbusi Mabhoko iii busukela kukhokho wayo uNdzudza owaxabana nomfowabo uManala ngesikhathi kukhothama Ingwenyama ebazalayo okwabe kunguMusi.

Ingwenyama uMusi kuthiwa wenza iphutha ngonyaka ka-1600 emandulo ngokuthi ahlatshwe ukudunguzela engamqokile ozongena esihlalweni sakhe kumadodana akhe okwabe kunguNdzudza noManala.

Lamadodana kuthiwa kwathi kungatshalwa uyise, axabana ebanga isihlalo nokwenza uNdzudza waphuma nabantu bakhe bayoqala ubukhosi obusukela eMpumalanga buze buyophelela eGauteng kanti benaManala bahlukaniswe uMfula i-Olifants ngasePitoli.

Izihloko zakamuva